Kubhimbe uhlelo oshayasibhamu bebuya belambatha bebamba imoto yemali engenalutho
Image: X
Kubikwa ukuthi bagejile oshayasibhamu abahamba imoto yemali beyimisa ngebhomu kuMain Reef Road, eRobertsville, namuhla ekuseni.
Imibiko yabazibonele ngawabo kanye nemibiko yokuqala ikhomba ukuthi abasolwa basebenzisa izimoto eziningi, okuhlanganisa i-Audi A4 esiliva, i-BMW emhlophe, iMahindra SUV neVW Amarok.
Kuthiwa basebenzise iMahindra ukushayisa imoto yemali ukuze ime ngaphambi kokuyiqhumisa, nayo iMahindra ishe yangqongqa.
Uphenyo oluqhubekayo luveze ukuthi iveni yemali ibingenayo imali ngesikhathi sesigameko.
Abezimo eziphuthumayo nabezicishamlilo bafike ngokushesha endaweni yesigameko, lapho bethole khona imoto yemali ivutha amalangabi. Basebenze ngokushesha ukubhula ilangabi.
Imoto ebihamba abasolwa ishe yangqongqa
Image: X