UVUSIMUZI 'Cat' Matlala onqatshelwe ibheyili
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers
UZOQHUBEKA nokubhadla ejele usomabhizinisi, uMnuz Vusimuzi Matlala, odume ngelikaCat okuthe izolo, iNkantolo yeMantshi yase-Alexandra, yamqabela ibheyili.
Lo somabhizinisi uboshwe ngo-Ephreli, onyaka.
UMbuso unqabele uMatlala ibheyili njengoba uveze ukuthi uyingozi, angakwazi ukushiya elakuleli noma inini.
"Esikutholayo ukuthi unebhanoyi okungelakhe angahamba ngalo aye kunoma iliphi elinye izwe ngaphandle kwakuleli, unomuzi ezweni laseMauritius nezinye izinto ezingamenza ashiye kuleli uma ededelwa, siphinde sathola ukuthi unezincwadi ezingekho emthethweni zasezweni iSwatini okwenza abe yingozi enkulu," kusho uMbuso.
Imantshi uSyta Prinsloo ithe imqabela ibheyili ngoba uhlulekile ukuveza ukuthi yini emenza angabi yingozi yokubalekela amacala abhekene nawo uma ededelwa ngebheyili.
"Uyingozi nje ngisho emphakathini ngakho uMbuso unecala elibambekayo ngawe," kusho uPrinsloo.
UMatlala usolwa ngokuhlela itulo lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe ngo2023, uTebogo Thobejane okumanje uhlala eDubai, ngemuva kokuhlaselwa kwakhe.
Kula macala uboshwe nenkosikazi yakhe uTsakane nabanye abathathu ngamacala okukhona kulo elokuzama ukubulala nokushushumbisa imali.
Esithangamini sabezindaba ngoJalayi, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, waveza ukuthi uMatlala wathola ithenda ka-R360 million embuthweni wamaphoyisa ngonyaka odlule.
Waveza izinsolo ezithi uMatlala unobudlelwano nosopolitiki okukhona kubo uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, leyo thenda eyagcina emisiwe ngoba sekuvele ukuthi ayihambanga kahle.
Ukuboshwa kukaMatlala kwadonsa amehlo abaningi njengoba namanje izinsolo ezibhekiswe kuye zaletha ukukhuluma
Related Topics: