Izindaba

OwezeMfundo eKZN usuzokwazi ukuthenga izincwadi ne-stationery

Mhlengi Shangase|Published

IGCINE ixazululekile inkinga ebifufusa yokungathengwa kwezincwadi zokufunda ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngonyaka ozayo njengoba uMnyango wezeMfundo usuthole imali negunya lokuthenga lezi zinsiza.

Image: Independent Newspapers Archives

IGCINE ixazululekile inkinga ebifufusa yokungathengwa kwezincwadi zokufunda ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngonyaka ozayo njengoba uMnyango wezeMfundo usuthole imali negunya lokuthenga lezi zinsiza.

Lo mnyango unikwe imvume wuMnyango kaMgcinimafa ukuthi uqhubeke nokuthenga izincwadi kanjalo ne-stationery emva kokuba sekunemali engu-R1.2 billion, yokwenza lo msebenzi.

Lokhu kuvezwe wuMphathiswa woMnyango kaMgcinimafa uMnuz Francois Rodgers, emuva komhlangano nozakwabo wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, esithangamini nabezindaba eMgungundlovu izolo.

"Umnyango wezeMfundo usuzoqhubeka nokuthenga izincwadi ne-stationery sangonyaka ozayo ezikoleni. Kuno-R1.2 billion wokwenza lo msebenzi . Asifuni kube nokuphazamiseka kwezemfundo esifundazweni," kusho uRodgers.

UHlomuka uthe njengoba bephethe umnyango bebenohlelo abebelwenzile ukubhekana nale nkinga.

"Siyaqhubeka nezinhlelo zethu zokuthi sithenge lezi zinsiza zangonyaka ozayo ukuze zihanjiswe. Sifuna ukuthi kuthi kuqala unyaka ozayo, zibe sezikhona zonke izincwadi ne-stationery ezikoleni zethu," kusho uHlomuka.

URodgers uthe sekulele eMnyangweni wezeMfundo ukuthi udedele imali yezincwadi ngoba isikhona.

UHlomuka uthe bebelinde uMgcinimafa ukuthi agunyaze bese beqala uku-oda izincwadi.

"Sinezinhlelo zokuthi lezi zinsiza zizohanjiswa kanjani ezikoleni ngoba asifuni  kube nento ezophazamisa. Esingakuqinisekisa wukuthi zonke izikole zizothola lezi zinsiza. Nalezo zikole ezizithengela izincwadi zizothola," kusho uHlomuka.

URodgers uchithe nokuthi wumnyango wakhe obugoloza ukukhipha le mali yezincwadi.

"Kumele singenelele lapho kudingeka khona singumnyango kaMgcinimafa. Umnyango wezemfundo ungaphansi kwesigaba u-18, sokusetshenziswa kwemali okuyinto eyagunyazwa nayiKhabhinethi. Anginawo amandla okufaka umnyango ngaphansi kweso lomlawuli, kodwa wuNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke onalawo mandla," kusho uRodgers.

Laba baPhathiswa basho kanje nje bekunemvunge yokuthi zihgase zingafiki ngesikhathi izincwadi ngenxa yokuthi kuze kube yimanje azikathengwa. Bekusolwa uMgcinimafa ngokuthi ugoloze nemali njengoba uMnyango wezeMfundo ungakwazi ukuthenga noma yini ngaphandle kokugunyazwa nguMgcinimafa.

Bekunokwesabela nokuthi kungase kuphazamiseke nezivivinyo ngenxa yokuthi ezinye zezinsiza ezihanjiswa nezincwadi, zisiza uma sekubhalwa izivivinyo eziqala uma sekubuywa emaholidini.

Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye iSadtu yaphazamisa ukubhalwa kwezinye zezivivinyo ikhala ngokuthi ayifakiwe imali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards.

UHlomuka uthe yonke into isimi ngomumo mayelana nokubhalisa izivivinyo.

"Sikulungele ukubhalisa izivivinyo hhayi ezika-matric kuphela kodwa nezakwamanye amabanga. Sisalelwe yizinsuku ezingaphansi kuka-20, ngaphambi kokuba kuqale izivivinyo zika-matric. Nakwamanye amabanga sesimi ngomumo ngezivivinyo," kusho uHlomuka.

Uthe abafuni ukuthi kube nokuputshuka kwamaphepha ka-matric, okuyinto engakenzeki kulesi sifundazwe, kodwa edlanga kwezinye izifundazwe minyaka yonke.

"Ezokuphepha ekubhalweni kuka-matric ziqiniswe kakhulu. Ngizoke ngithathe uzakwethu (Rodgers), ngimyise lapho kugaywa khona amaphepha ka-matric. Izinga lokuphepha liphezulu, akungeni ngisho umakhalekhukhwini, kwaphepha elizobhalwa awuliboni ngenxa yendlela ezokuphepha eziqiniswe ngayo," kuqhuba uHlomuka.