BAKE balala bebala izinkanyezi emgwaqweni abantu abaxoshwa yizikhukhula eLamontville ngoFebhuwari njengoba beke bakhishwa endaweni abebecushiswe kuyo enkabeni yeTheku
Image: SIBONELO NGCOBO / Independent Newspapers
BAKHALA ngemithetho eminingi ebacindezelayo abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula eLamontville ngoFebhuwari base bethuthelwa eBayside enkabeni yeTheku njengoba manje sebeseMbilo ebhilidini i-Out Spam. Bathi inzima impilo abayiphila kuleli bhilidi njengoba kunemithetho yakhona ababona kahle nje ukuthi bayacindezelwa ngayo.
Phakathi kweminye yemithetho abakhale kakhulu ngayo kubalwa ukungavunyelwa kwezivakashi, ukubekwa kwesikhathi okufanele bebe sebengaphakathi ebhilidini ngaso, ukungavunyelwa kophuzo oludakayo nokunye okuningi.
Bakhulume neSolezwe benengikile besola umphathi waleli bhilidi ngokuthi ubaphathisa okwezingane ezincane ezisakhasa. Bakhala ngokuthi uma weqa le miyalelo uyaxoshwa kuleli bhilidi ngokuphazima kweso.
Omunye walaba osexoshiwe kuleli bhilidi uthe uyoyixoxela amagwababa echobana.
"Wake wakuzwaphi ukuthi ngimdala ngingaka kodwa nginqunyelwe isikhathi okumele ngibuyele ngaso endlini? Ngize ngitshelwe nokuthi uma ngihlulwa yilokho ngizoxoshwa,''usho kanjena.
Uthe iyabamangaza indlela izinto ezenziwa ngayo kuleli bhilidi
"Uma kufike izihlobo zethu kuba yindaba enkulu, kukhulunywe indaba yokuthi kumele sixoshwe," kuchaza yena.
Eqhuba uthe leli bhilidi kwabe kungelezitshudeni phambilini wathi basola sengathi basaqhubeka nemithetho ababeyibekele zona.
"Manje iphutha abalenzayo wukuthi sekukhona thina manje sibadala futhi sinemindeni," kuchaza yena..
Omunye osanda kuxoshwa kuleli bhilidi uthe uyakweshwama lokhu akubona kwenzeka. Uchaze impilo yokuhlala kuleli bhilidi njengenzima kakhulu.
"Sihlukumezekile kakhulu. Angikaze mina ngiyibone into enjengalena impela konakele. Indlela esiphethwe ngayo lapha ungathi kuphethwe izinto nje ezingathi shu," kusho yena.
Okhulumela uMnyango wokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu Natal, uMnuz uNdabezinhle Sibiya, uthe ngebhadi abanawo amandla okuguqula imithetho yebhilidi.
Uthe nangesikhathi bexoshwa eBayside kwaba nesikhalo sokuthi baphuza utshwala futhi baphula izinto.
"Ngesikhathi befakwa kuleli bhilidi kwakhulunywa kahle ngendaba yemithetho yakhona, kwavunyelwana. Ayikho nenye indawo esasingayithola ngaphandle kwaleli bhilidi abanye babenqaba ngoba bazi ukuthi laba bantu bayahlupha," usho kanjena.
Related Topics: