UMalema ulahlwe icala lokuqhumisa isibhamu
Image: Itumeleng English / Independent Newspapers
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ulahlwe icala lokuqhumisa isibhamu. INkantolo yeMantshi e-East London ithole uMalema enecala lokwephula imigomo elawula ukuphathwa kwesibhamu.
UMalema ubebekwe amacala amahlanu okungelokuphatha isibhamu ngaphandle kwemvume, elokuphatha izinhlamvu ngaphandle kwemvume, elokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni, elokubeka impilo yabantu engcupheni kanye nelokuhluleka ukugwema ukucekela phansi impahla. IMantshi Twanet Oliver imlahle ngawo wonke lamacala.Inkantolo izobuye isikhiphe esigwebo.Icala lisukela esigamekweni esenzeka eMdatsane, ngo-2018, ngesikhathi kunomgubho wokubungaza iminyaka emihlanu kwasungulwa i-EFF.
Emva komgubho kwasabalala ivideo ekhombisa uMalema ephethe okubukeka njengesibhamu esikhulu, ekuqhumisa.UMalema ubemangalelwe nomqaphi wakhe, uMnuz Adriaan Snyman.Inkantolo imthole engenacala uSnyman.