Izindaba

Bazozitika ngolozolo lomculo eHowick

Charles Khuzwayo|Published

UJUDITH Sephuma uzonandisa kwiSymphony By The Waters eMidmar Dam eHowick ngoMgqibelo

Image: SIGCINIWE

IMALINI izobe icula kwiSymphony By The Waters eMidmar Dam, eHowick, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK

UMZWILILI emculweni we-jazz uJudith Sephuma uzoshiyelana inkundla neqembu lomculo wezimfijoli iKZN Philharmonic Orchestra (KZNPO) kwiSymphony By The Waters eMidmar Dam, eHowick, ngoMgqibelo kusukela ngo-5 ntambama.

La maciko azobe esina ededelana neMalini, The Zulu Kingdom Choir, Afritude, Black Lapels neThe Vukile Band. Ngaphandle kwalokho, abafundi basezikoleni ezisezindaweni ezazincishwe amathuba phambilini, iLuthando High neKwaPata High, bazothola ingqayizivele yethuba lokuncela kogwansile ezingwazini zamaciko ukuze nabo bagcine sebenamava emkhakheni wezobuciko. 

Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uNjabulo Shangase, uthe abantu bazobe bengazitiki ngomculo kuphela kodwa kuningi okuzohlonyulwa ngakho. UNjabulo, ongumqondisi weSymphony By The Waters, uthe bahlose ukwakha indathane yamathuba emisebenzi nokusebenzisa izinto zamasiko ukwelapha nokuguqula impilo yabantu.

"Ngokuhlanganisa imiphakathi ehlukahlukene, amaciko, izikole nosomabhizinisi, sikhombisa ukuthi ezobuciko zingaklama indima engakanani ekulweni nesihlava esikhungethe izwe lethu."

UNjabulo uthe ngalo mcimbi baqonde ukuveza ukuthi kungakanani okungafezeka uma imiphakathi ihlangana isebenzisane.

"Ngokutshala kwezobuciko, amasiko nakwezokuvakasha, sisuke sitshala ekufukuleni umnotho nasekusimamiseni umphakathi waseNingizimu Afrika."

Uqhube ngokuthi lo mcimbi uzobhulelwa amazolo ngochungechunge lwemibukiso kusukela ngo-10 ekuseni, okubalwa umbukiso wamabhizinisi asungulwe yintsha nabantu besifazane ngenhloso yokubanikeza inkundla yokukhangisa ngemikhiqizo yabo. Uthe nezingane zizobe zinendawo yazo lapho zizobe zidlala khona imidlalo enhlobonhlobo. Eqhuba uthe kuzobuye kube nezingxoxo nezinkundla zokucobelelana ngolwazi.

"Okumqoka kakhulu wukuthi lo mcimbi uzodala amathuba amatoho ebantwini abangaphezu kuka-300, okungabesifazane nentsha ngenhloso yokuthuthukisa umnotho," kuphetha uNjabulo.

Amathikithi omcimbi aseyatholakala eWebtickets kanti amakhasimende anamakhadi okuthenga ePick n' Pay azothola isaphulelo sika-10%, uma ethenga amathikithi. 

Umcimbi uxhaswe wuMnyango wabesiFazane, iNtsha nabaBantu abanokuKhubazeka eHhovisi likaMengameli, uMnyango wezokuVakasha nowezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal kanye nosomabhizinisi.