Izindaba

Usizi bejikiswa emasosheni sebenikwe nomfaniswano

Nkosikhona Cele|Published

Emasosheni

Image: SAPS

ZIFISA nokuhamba emhlabeni izingane ezithi zihujiswe utalagu zibizelwa umsebenzi wokuba amasosha maqede zase zilaxazwa okwenyongo yenyathi.

Laba bathi okubaphethe kabuhlungu kakhulu ukuthi bashiye phansi imisebenzi ebebekade beyenza abanye bayeka nasemanyuvesi bethemba ukuthi sekufikile ukukhanya kanti kakunjalo, kuza ubumnyama obukhulu. Bathe bachithwe ekugcineni kwathiwa sebeyizitufuza kakhulu abanye kwathi bondile. Manje basola inkohlakalo.

Bathi bafe olwembiza kunjalo nje badukuza ebumnyameni ngokuthi ngampela kwenzekeni. Balandise Isolezwe ngakho konke okwenzekile kusukela befake izicelo zokuba yingxenye yamasosha ombutho waseNingizimu Afrika.

Omunye wabo waseMlaza ocele ukungadalulwa, uthe njengoba babekade befake izicelo bathole izingcingo ebezibazisa ukuthi kuyiwa enkambini eseKimberley. Uthe batshelwe ukuthi kuhlanganelwa enkanjini yamasosha eseThekwini, ebizwa ngokuthi yiKing Shaka.

Uthe bayile nebala ukuyohlangana lapha ngo-Agasti 16. Uthe nakhona lapha bahlangabezane nezimbila zithutha njengoba amabhasi engazange afike ngosuku obekumele bahambe ngalo kwaze kwadingeka ukuba balale khona.

"Salala amabhasi aze afika ngakusasa. Nakhona uma esefika ngakusasa amabhasi abayicabangi nje indaba yokuthi kumele sigeze. Basinikeza ukudla kuphela base bethi asihambe sinjalo singagezile sesibheke eKimberley,'' usho kanje.

Utshele Isolezwe ukuthi le nto imbulele ephila njengoba eyeke isigubhukane emsebenzi abewenza enkampanini esemkhakheni wezezimoto ngoba ethi ufuna ukuba yisosha.

''Angisazi ukuthi ngithini manje ngoba ngiyekile emsebenzini ngizitshela ukuthi sengiyoba yisosha kanti ngimane ngiyazikhohlisa nje,'' echaza.

Sebefikile eKimberley, uthe baqeqeshiwe base behlolwa izifo kanjalo nezisindo zemizimba yabo.

''Mina ngesikhathi bengihlola isisindo somzimba bathola ukuthi sithe xaxa kancane kunangesikhathi ngithathwa eThekwini. Kodwa nalapho futhi basitshela ukuthi asikhululeke kayikho inkinga ngalokho,'' usho kanje.

Uthe ukudla kushintshile epuletini bajikelwa esiswini njengotshwala sekufika udokotela ngoMsombuluko, esephinda ebahlola izisindo wase ebatshela ukuthi bonakele, mabaphindele emakhaya.

''Ngithe ngisadidwe yilokho, ngathathwa ngayiswa kumuntu okuthiwa ungumeluleki wezengqondo  naye ofike waqinisekisa ukuthi ngiphinda emuva ekhaya," kusho yena.

Okumphatha kabi kakhulu wukuthi usayiniswe ngendluzula amaphepha okuthi useyahoxa ebusosheni.

Omunye wesilisa waseMandeni, uthe kuphelile ngempilo yakhe ngemuva kwalesi sehlo. Uthe naye uthole ucingo wase esukumela phezuliu engazi ukuthi kanti ngokuvuma ukuhamba kuyefana nokuthi uzigxoba umphambili.

Utshele Isolezwe ukuthi sebefikile eKimberley, basayiniswe izinkontileka okuyinto okuthi uma eyicabanga avele ezwe inhliziyo yakhe icwila emafutheni.

''Mina nje bengisayiniswe inkontileka ebithi ngizohola imali engu-R11 000 nemfalakahlana nyanga zonke. Angikaze ngijabule kanjena ngoba bengicabanga ukuthi ekhaya kuzophela ukuhlupheka,'' echaza.

Uthe ngale mali ubebona kahle nje ukuthi ikhaya lakhe lizoba ngcono uzokwazi ukuxosha ikati eziko.

"Okunye okuvele kungiphathe kabuhlungu kakhulu ukuthi sinikezwe nemifaniswano saze sayigqoka kanti kudlalwa ngemizwa yethu."

Uqhube wathi naye kube yinto ngefanayo, wachithwa kukhalwa ngesisindo sakhe.

"Umama ongizalayo uhola impesheni ubejabule kabi ngoba ubaba akasekho ethi kuzoke kukhanye lapha ekhaya kanti kakunjalo,'' echaza.

Uthe naye ubhekene nengwadla njengoba exhaswe yisikhwama sabafundi iNSFAS kodwa yena umane wayeka ukuyobhala izivivinyo zakhe esikhungweni semfundo ephakeme ngoba eseya emasosheni. Uthe ubefunda eTshwane University of Technology.

"Angiboni ukuthi basazongivumela ukuthi ngibuyele ngiyobhala futhi ekubeni ngingabikanga lutho ngokungabhali nesisodwa isivivinyo,'' echaza.

Enye intokazi (20) yaKwaMashu, ithe igqemeke engeqiwa ntwala ngoba leli bekuyithuba eliyingqayizivele empilweni yayo.

"Cabanga ngoba ngize ngasula ngayeka izifundo zami zePublic Relations ebengikade ngizenza e-Unisa. Okubuhlungu ukuthi bengenza unyaka wesibili futhi ngixhaswe yisikhwama iNSFAS," kuchaza le ntokazi.

Ithe inhliziyo yayo iyabhibha ngoba uma isibuyela esikoleni kuzomele izikhokhele yonke imali.

"Ekhaya ngihlala nogogo, akekho umuntu osebenzayo,'' isho kanjena.

Iqhube ngokuthi kuyabhimba ngoba noyise udlule emhlabeni kuwona lo nyaka. Ithe nayo ibisinikeziwe umfaniswano.

"Angazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi sinikezwe umfaniswano ebese siyachithwa futhi,'' echaza.

Okhulumela iSouth African National Defence Force (SANDF), uRear Admiral Prince Tshabala, uthe kuningi okuye kudale ukuthi umuntu angaphumeleli kwisigaba sokugcina. Uthe akekho umuntu ojikiswa ngaphandle kwesizathu. Uthe odokotela babo baseqophelweni eliphezulu, bakheka yonke into ngenxa yokuthi umsebenzi wamasosha ubucayi.

''Kwesinye isikhathi bayajikiswa ngenxa yemizimba yabo. Abanye uma kutholakale ukuthi banesifo senhliziyo. Abanye siye sithole ukuthi sebekhulelwe. Kodwa enye inkinga enkulu kuye kube ukuthi umuntu usefake i-tattoo okuyinto engavumelekile nje nhlobo embuthweni wamasosha,''usho kanjena.

Ugcizelele ukuthi abantu kumele bazi ukuthi uma bebiziwe kwiSANDF kusuke kusazoba khona ezinye izigaba abaqale badlule kuzona ngaphambi kokuba kuqinisikiswe ukuqashwa kwabo ngokugcwele. Uthe ilahleka lapho-ke ngoba abaningi uma sebebiziwe bamane bacabange ukuthi sekuqondile kanti kunemigudu abazofike badlule kuyona ankambini.