OWAYEYIMEYA yoMkhandlu waseNdwedwe, uMnuz Maxwell Hadebe, owadutshulwa wafa
Image: SIGCINIWE
ULAHLWE elakubo uMnuz Nkululeko Phillip Maphumulo (28) njengoba etholwe yiNkantolo yesiFunda yaseVerulam enecala lokubulala loyo owayekade eyimeya kuMasipala waseNdwedwe, uMnuz Maxwell Hadebe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMaphumulo ongowaKwaMaphumulo ngokudabuka, ubekade egqigqa le nkantolo ngecala alibekwe uMbuso lokufa kukaHadebe.
Akusilona kuphela icala abebekwe lona uMbuso njengoba ebekade ebekwe nelinye lokusocongwa kukaMnuz Mbongeni Ndlovu. Bobabili kuvela ukuthi babulawa ngokudutshulwa ezigamekweni ezenzeka izinsuku zilandelana ezindaweni ezahlukene.
Loyo owayekade eyimeya yaseNdwedwe yena kuthiwa wahlaselwa uMaphumulo eCornubia, wazama ukumphanga imoto efuna ngodli izikhiye zemoto. Kuthiwa uHadebe wadutshulwa wafa kusona lesi sigameko esenzeka ngoJuni 19, 2019, eCornubia. Ngakusasa, kwatholakala isidumbu sikaNdlovu, eMsunduzi. Inkantolo isebenzise kakhulu ubufakazi obethulwa ngowesifazane, uNksz Busisiwe Zulu.
Lo fakazi watshela inkantolo ukuthi wakubona konke okwenzeka ngesikhathi sesigameko. Kuthiwa ufakazi watshela inkantolo ukuthi wabubona ubuso bukammangali ebulala uHadebe.
''Ufakazi waze waqinisekisa, wathi akasoze aphinde abukhohlwa lobo buso abubona ngalelo langa,'' kuchaza imantshi uBetty Rawheath.
Lo fakazi kuthiwa wathi kwaba lula ukuba abone konke ngenxa yokuthi kwabe kukhona amalambu asemgwaqweni kukhanya namalambu emoto kamufi. Imantshi ithe iyabemukela ubufakazi obethulwa nguNksz Zulu ngoba akukho lapho obuphikisana khona.
"Sasingekho isidingo sokuba lo fakazi angaqamba amanga afakaze into engekho ngomuntu angamazi. Inkantolo yathola ukuthi ummangalelwa nofakazi kabazani ukuthi nje kwenzeka ukuthi ngosuku lwesigameko banqwamene endaweni eyodwa,'' kuchaza imatshi.
Lo fakazi kuthiwa wakuqinisekisa ukuthi wambona ummangalelwa eqala ehilizisana nomufi ngoba efuna aphume emotweni. Ngokusho kukafakazi, kuthiwa uMaphumulo wamthembisa ukumbulala umufi uma eqhubeka egweva nemoto yohlobo lweToyota Run X.
Ufakazi wathi uMaphumulo wamphuca neselula yakhe umufi esedindilizile wamphuca nezikhiye zemoto. Iqhuba imantshi, ithe ubufakazi bukaNksz Zulu buyahambiselana nobephoyisa uConstable Ndimande owafika endaweni yesigameko.
''Leli phoyisa nalo lathi lathola amagobolondo ezinhlamvu ngenxa yokuthi amalambu emoto nawasemgwaqwni ayekade ekhanya kahle nje bha,'' echaza.
Ngenxa yabo bonke lobu bufakazi, iNkantolo yesiFunda yaseVerulam ithe uMaphumulo imthola enecala lokubulala uHadebe.
Kanjalo nasecaleni lokuqala lokuduma imoto, inkantolo imthole enecala uMaphumulo. Ecaleni lesibili lokubulawa kukaNdlovu, inkantolo ithe imkhipha phambili uMaphumulo. Ithe lokhu ikwenza nakuba efana amagobolondo atholakala endaweni yokubulawa kukaNdlovu noHadebe.
''Inkinga ekhona esigamekweni sesibili ukuthi akekho ufakazi ofikile ankantolo wazoyichazela ukuthi ngampela wabona uMaphumulo lokhu ekwenza. Kuyiqiniso wabulawa impela uNdlovu namagobolondo ayefana kodwa akekho ongama ngonyawo olulodwa athi wambona uMaphumulo ebulala uNdlovu ngelanga lesi sigameko,'' kusho imantshi.
Inkantolo ithe okushayisa amakhala ukuthi wangena ezintangeni uMaphumulo ngesikhathi ebuzwa ukuthi wayekephi ngosuku lwangoJuni 19.
"Angeke inkantolo ibamukele ubufakazi bukaMaphumulo ngenxa yokuthi naye ufakazi akakhulumanga into ecacile ebuzwa ngalolu suku,'' echaza.
UMaphumulo akazange athuke ngesikhathi inkantolo imemezela ukulahlwa kwakhe yicala lokusocongwa kukaHadebe. Ubebonakala ewumuntu okhululekile nje, kwaba sengethi akezwanga lutho.
Ubekade efake isikibha esimhlophe ebesinombhalo omkhulu obhalwe ngamagama abomvu othi: GALXBOY. Limshonele kanjalo ilanga uMaphumulo, aphuma ejabhile enkantolo amalungu omndeni wakhe.
UMaphumulo ubekade ephethe amanzi ngesandla, kuthe esephuma enkantolo waxhawula omunye womndeni wamcifela iso.
Related Topics: