Izindaba

Iphupho likaMbongeni Ngema lifezeke engasekho

Charles Khuzwayo|Published

KUZOKWETHULWA isikhungo esasungulwa yinkakha yemidlalo yeshashalazi uDkt Mbongeni Ngema eBat Centre eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

INGWAZI yemidlalo yeshashalazi, uDkt Mbongeni Ngema, seyizophumula ngokuthula lapho ilele khona emuva kokufezeka kwephupho layo leminyaka.  Ngaphambi kokudlula emhlabeni ngoDisemba 27,2023, uNgema wayematasatasa namalungiselelo okusungula isikhungo iMbongeni Ngema Academy.

Sekungumlando ukuthi uNgema, wodumo lweSarafina, washonela esibhedlela i-Adelaide and OR Tambo Memorial eMbizana, e-Eastern Cape emuva kokubandakanyeka engozini yemoto eyamehlela ephuma emngcwabeni kazakwabo eLusikisiki.

UNgema usungula lesi sikhungo nje, wayesekhiqize inqwaba yosaziwayo abahlonishwayo kuleli okubalwa kubo oSomizi Mhlongo, Sindi Dlathu, Leleti Khumalo,Wendy Mseleku, Mfana Jones Hlophe, Thulani Didi, Zimdollar Biyela, Bingelela Mpanza nabanye abaningi.

 Indodana kaNgema, u-Africa, ithe iMbongeni Ngema Academy izoqala ukuqeqesha amaciko aphokophele ukuzifukula ngolwazi amasonto ayisishiyagalombili, eBat Centre eThekwini kusukela ngo-Okthoba 6 kuya kuNovemba 8 kulo nyaka.

U-Africa ubambisene kulesi sikhungo nonina uNompumelelo Ngema, uNtombi Ngema oyi-Chief Operations Officer  yalesi sikhungo noSihle Bam oyi-Chief Executive Officer.

“Leli bekuyiphupho likababa. Wayefuna ukunikeza abaculi abasha indawo yokufunda, yokukhula, nokuqhakambisa amasiko ethu. Sajabula kuphakanyiswa iPlayhouse njengendawo engaguqulwa ibizwe ngeqhawe uDkt Mbongeni Ngema. Sasithi kuzovuleka naso isikhala sokulolonga abathanda umkhakha weshashalazi kepha kwaphelela emoyeni. Ubaba nokho usifundisile ukuphikelela, nokuqhubeka nemibono esinayo noma kunzima kangakanani. Sibonga iBat Centre ngokuvula ithuba lokubambisana.”

U-Africa uthe okuzokwenza isikhungo sikayise sihluke kwezinye wukuthi kusona umuntu uzothi efunda athole amava emkhakheni wokulingisa.

"Maningi amathuba okuthi uma kuphela ukulolongwa kungeneke emsebenzini. Lokhu kunikeza abafundi ithuba eliyingqayizivele lokufunda nokudlala emidlalweni yangempela. Izifundo  sizohlanganisa ukuqeqeshwa okujulile kokudansa, ukulingisa nokucula. Konke kwesekwe emisebenzini nasezinkolelweni zobuciko zikaDkt Ngema.Sinikeza abaculi abasha ithuba lokungena emibonweni yakhe yokucija. Ukubhalisa kuvuliwe, okunikeza abaculi abasha ithuba eliyingqayizivele lokufunda kochwepheshe abaphethe umoya nezimfundiso zenkakha kubalingisi, uDkt Mbongeni Ngema."

USihle  uthe ujabule ngokuthi ligcine lifezekile iphupho likaNgema.

"Sibongela abafundi abazoqeqeshwa eMbongeni Ngema Academy ngoba bazothola ulwazi oluphezulu kakhulu nokulolongwa ngongoti kulo mkhakha." 

UNtombi uthe bayakuthakasela ukwethulwa kwalesi sikhungo ngoba yiso kuphela isikhungo sezemfundo kwezobuciko  esinezinhlelo ezisezingeni lomhlaba futhi ezihlala zifuneka.

"Umbono wethu wukuhlonza ikhono,siqeqeshe, futhi sakhe amathuba okuqashwa aqhubekayo emacikweni aseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe,” kusho uNtombi.

KUZOKWETHULWA isikhungo esasungulwa yinkakha yemidlalo yeshashalazi uDkt Mbongeni Ngema eBat Centre eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

KUZOKWETHULWA isikhungo esasungulwa yinkakha yemidlalo yeshashalazi uDkt Mbongeni Ngema eBat Centre eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE