UMUFI, uMnuz Sibusiso Sithole, owayeyisikhulu esiphezulu kuMasipala waseRichmond
Image: SITHUNYELWE
UGIXATSHEZWE ngezigwebo ezinzima owesilisa waKwaNyuswa, owalahlwa yicala lokusoconga isikhulu esiphezulu sikaMasipala waseRichmond. UMnuz Sabelo Phewa (34), ngoJulayi, ulahlwe yicala lokubulala uMnuz Sibusiso Sithole.
USABELO Phewa ogixatshezwe ngezigwebo ezinzima
Image: NKOSIKHONA CELE
Kuvela ukuthi uPhewa wadubula umufi ngoMashi 6, 2017, esigamekweni okuthiwa senzeka endaweni umufi ayekade esebenzela kuyona eRichmond, embulalela emotweni yakhe. Waphinde walahlwa yicala lokubulala uMnuz Amos Ngcobo nelokuzama ukubulala uConstable Lucky Bongani Ngema wophiko lweSAPS olubizwa ngokuthi yiTactical Response Team (TRT).
Walahlwa nayicala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. NgoLwesibili, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, igixabeze uPhewa ngezigwebo ezinzima kakhulu. Ecaleni lokuqala lokusoconga isikhulu sikaMasipala waseRichmond, ugixatshezwe udilikajele.
Kwelesibili lokusoconga uNgcobo, nakhona inkantolo imnikeze isigwebo sikadilikajele. Kwelesithathu lokuzama ukubulala uConstable Ngema, wagixatshezwa iminyaka eyisihlanu.
Kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni wanikezwa engu-15, kwathi kwelokutholakala nezinhlamvu wanikezwa eyisihlanu. Ngesikhathi iJaji uRuthy Singh likhipha isigwebo, likhale kakhulu ngokungabi nazwelo kukaPhewa. Lithe uqhubekile waphika icala noma ngabe inkantolo seyimthole enalo.
"Awunawo nhlobo unembeza, uqhubekile waliphika icala noma ngabe sewazi ukuthi likulahlile. Ungumuntu ononya olukhulu,'' lisho kanjena likhuluma libhekise nje ngqo kuyena.
Liqhuba, lisebenzise ubufakazi obethulwa udokotela lapho ayeveza khona ukuthi isidumbu sikaSithole sasinamxeba amaningi futhi ajulile.
"Wena ubuwenza konke ngenxa nje yokuthi ufuna ukuthola imali. Indlela owambulala ngayo uSithole ikuveza ngokusobala ukuthi wawuhlose ukuthi uqinisekise ukuthi ngampela uyadlula emhlabeni,'' kubeka ijaji.
Liqhubekile ijaji lasebenzisa ubufakazi obuvele enkantolo bokuthi uPhewa wakhokhelwa u-R5 000 umkaNgcobo njengenkokhelo yokumbonga ngokuphothula umsebenzi.
"Ungumuntu ongenandaba, ungenza noma yini. Kuyamangaza ukuthi wakhipha isidumbu ngenxa yenkokhelo yemali ewu-R5 000 nje kuphela," lisho kanjena.
UNkk Slindile Sithole ongumkaSithole, utshele Isolezwe ukuthi ibambe ngakho ngezigwebo ezinikwe uPhewa. Nakuba kunjalo, uthe njengomndeni bakhathazekile ukuthi uze wagwetshwa uPhewa, lutho ukugonyulula ngokuthi obani ababemthumile.
"Iqiniso ukuthi bakhona ababemthumile kodwa namanje asazi ukuthi bangobani labo bantu,'' usho kanjena.
Uthe sebethemba uNkulunkulu ukuthi bazovela nalabo ababethume uPhewa.
Utshele Isolezwe ukuthi abambulala babengenalo ulwazi lokuthi vele useyashiya kuMasipala waseRchmond umufi.
"Ukube sasazi sasizobatshela ukuthi mabangambulali, vele useyahamba," usho kanje.
Uthe umufi wayesethole amadlelo aluhlaza kwenye indawo ngaphandle kweKwaZulu-Natal.
UPhewa ugwetshwa nje, ubekade esole inkantolo ngokunhlanhlatha elimisa ngesihloko elokuthi inkantolo nomshunshisi, u-Advocate Nhlanhla Shange, bayehluleka ukwenza umsebenzi.
"Anishongo nina ukuthi laba bantu engibabizayo lapha bazongishwelezela ukuze ngithole isigwebo esincane. Angifuni nokuyizwa leyo nto mina. Umuntu oshwelezwelayo ngosuke elenzile icala. Mina lingilahlile impela kodwa namanje ngisamile ekutheni angilenzanga," usho kanje ekhuluma ngosuku obelwandulela ukugwetshwa kwakhe.
Ngesikhathi kuwa izigwebo, uPhewa ubonakale engathukile. Wehle ebhokisini egijima engafuni ukuba izintatheli zimthwebule izithombe. Kuphele kanjalo ngoPhewa ephuma egijima eyoqala impilo entsha ezikhindini yize ebephikelela ethi "uyasukelwa''.
USABELO Phewa ogixatshezwe ngezigwebo ezinzima
Image: saps
Related Topics: