Izindaba

Usole ijaji ngokunhlanhlatha olahlwe elokusoconga isikhulu

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI uMnuz Sibusiso Sithole owayekade eyisikhulu esiphezulu kuMasipala waseRichmond

Image: SITHUNYELWE

NKOSIKHONA CELE

UVUKE umbhejazane wabhoka wakhahlela owesilisa osanda kulahlwa yicala lokusocongwa kwesikhulu esiphezulu sikaMasipala waseRichmond, esola iNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngokunhlanhlatha nangokuhlulwa umsebenzi wayo.

UMnuz Sabelo Phewa (34) ongowaKwaNyuswa, ngoJulayi, ulahlwe yicala lokubulala uMnuz Sibusiso Sithole.

Kuvela ukuthi uPhewa wadubula umufi ngoMashi 6, ngo-2017, esigamekweni okuthiwa senzeka endaweni umufi ayekade esebenzela kuyona eRichmond, embulalela emotweni yakhe. Waphinde walahlwa yicala lokubulala uMnuz Amos Ngcobo nelokuzama ukubulala uConstable Lucky Bongani Ngema wophiko lweSAPS olubizwa ngokuthi yiTactical Response Team (TRT).

Walahlwa nayicala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, inikeze uPhewa ithuba lokuba abize asondelene nabo ukuba bezomnxusela isigwebo esincane enkantolo.

Inkinga iqale ngesikhathi iJaji uRuthy Singh selibiza umalume kaPhewa, uMnuz Sifiso Phewa ukuba angene azothula ubufakazi ngokuthi uPhewa ungumuntu onjani nokuthi amnxusele isigwebo esincane.

UPhewa ubhoke ngolaka watshela ijaji ukuthi lenza okuphambene nobekuvunyelwane ngakho.

"Anishongo nina ukuthi laba bantu engibabizayo lapha bazongishwelezela ukuze ngithole isigwebo esincane. Angifuni nokuyizwa leyo nto mina. Umuntu oshwelezwelayo ngosuke elenzile icala. Mina lingilahlile impela kodwa namanje ngisamile ekutheni angilenzanga," usho kanje ekhuluma samuntu othethayo.

Ijaji lizamile ukumkhalima lithi makehlise umoya, wavele wabhoka kakhulu wathi: "Sekungamane kuyekwe uma kuya ngokuthi laba bantu nifuna bazongishwelezela. Leyo nto angeke ngize ngiyivume, angidlali futhi ngalokho. Kungamane kuyekwe khona manje," usho kanjena.

Ijaji limazisile uPhewa ukuthi inhloso yosuku bekuyikhona lokho ukuthi abamaziyo bakhulume ngaye ukuthi ukhule engumuntu onjani ekhaya nasemphakathini nanokuthi bangafisa yini ukuba ashaywe ngoswazi oluncane lwesigwebo.

"Kuyacaca asizwani, nenza into engingayazi mina. Okokuqala nje, nina ningilahle ngecala ekubeni singakaze sivezwe leso sibhamu okuthiwa ngasisebenzisa,'' usho kanjena.

Uqhubekile wakhomba ngenjumbane umshushisi, u-Advocate Nhlanhla Shange, emsola ngokuphonsa imibuzo engathi shu futhi athe akakholelewa kuyona.

Nokho ugcine ehlele ngezansi, waqala wafakaza umalume. Ekhuluma umalume, uchaze uPhewa njengemvu yenkosi futhi ethanda abantu.

"Siyakweshwama lokhu kokuthi ubandakanyeka emacaleni abucayi kangaka. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi lokho kwenzeka kanjani?" usho kanjena.

Eqhubeka umalume, uthe ngoba sekuvele kunjena uyacela ukuba ashaywe ngoswazi oluncane umshana wakhe. Waphinde waphakama uPhewa wathi: "Ngizoze ngishaywe ngoswazi oluncane nje ngenzeni? Musani ukudlala ngami madoda!" usho kanjena ijaji lamhlalisa phansi.

Uphinde waphakama wathi: "Phela ngizimele anginaye ummeli ngakho-ke kumele ngizikhulumele uma ngibona ukuthi lapha kudlalwa ngami."

Ukhuluma ngodaba lokuzimela nje, uPhewa kuzokhumbuleka ukuthi waqala wamelwa ngabameli bamahhala okwathi ngokuhamba kwesikhathi, watshela inkantolo ukuthi uyabachitha ngoba behlulwa umsebenzi.

Ngemuva kwalokho, wabe eseqasha ummeli wakhe naye kwaphinda kwahlukana inhloko nesixhanti. Wase etshela inkantolo ukuthi ubona kungcono nje kabi ukuthi amane azimele nje, ethi akakaze ahlulwe ukuzikhulumela entweni amayelana naye.

Umshushisi ufundele inkantolo incwadi efungelwe ebhalwe ngudadewabo kamufi, uNksz Sibongile Sithole, oveze ukuthi ukubulawa kwakhe kwabashiya nezibazi zaphakade. Uveze ukuthi unina kamufi kunesikhathi lapho abephila khona ngokudane eyobona odokotela. Uthe lokhu kungenxa yokuthi ugcine esehlaselwa yisifo sohlangothi ngenxa yaleli cala athe limhlukumeze kakhulu.

Kusasa kulindeleke ukuthi inkantolo igwebe uPhewa.