Izindaba

Ukukhathazeka kubazali ngokudlwengulwa kwezingane esikoleni esizimele

Simangaliso Ntshangase|Published

Bakhathazekile abazali ngokudlwengulwa kwabafana esikoleni

Image: Sigciniwe

BAVUTHA bengabaselwe abazali bezingane zakwesinye sezikole ezizimele nezibhekele abantwana iningi labo abangakwazi ukukhuluma nabaphila nokukhubazeka ngezindlela ezahlukene, njengoba kwanda izinsolo zezigameko zokunukubezwa ngokocansi bengaphakathi kulesi sikole esinamagumbi okuhlala abafundi bamabanga aphansi kuya kwaphezulu.

Lokhu kuza emva kokuthi omunye wabazali babantwana abafunda kulesi sikole, iSt Martin’s Special, esiseMargate, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ebikele Isolezwe ngesigameko sangoLwesihlanu olwedlule sokunukubezwa ngokocansi komntwana wakhe oneminyaka ewu-12, okhubazeke ngokungakwazi ukukhuluma.

Lo mzali, uthe okumphatha kabi kakhulu wukuthi unqume ukufaka umntwana wakhe womfana kulesi sikole nonyaka ngoba azi amagalelo aso okuphatha kahle nokunakekela ngendlela efanele abantwana abadinga ukunakekelwa ngokuthe xaxa nangokucophelela njengowakhe.

Elandisa ngokwehlele umntwana wakhe, uthe uthole umyalezo komunye wabahlengikazi abagada nabanakekela abafundi kulesi sikole, emcela ukuthi akuhlanganwe esibhedlela esisePort Shepstone ngenxa yokuthi kunesimo esithile esenzeke enganeni yakhe.

"Kuthe uma ngifika esibhedlela, ngaziswa ukuthi kusolwa ukuthi umntwana wami unukubeziwe ngokocansi, kodwa kwangacaca ukuthi kwenziwe wubani, futhi ngasiphi isikhathi. Kuphela nje umhlengikazi omgadayo ungitshele ukuthi uze umphuthumisa esibhedlela nje, yingoba bese eqaphela izimpawu ezithile zokushintsha kwendlela enza ngayo izinto, njengokuthi uma ezomfunza ukudla noma uma kukhona amnika khona, ubengafuni ukusondela eduze kuyena. Nangempela esibhedlela baqinisekisile ukuthi unukubeziwe, kepha inkinga kwaba wukuthi asisakwazi ukuthatha amasampuli egazi ngoba leso sigameko sesedlule, kungeke kusaba lula ukuthola ukuthi senziwe wubani futhi ngasiphi isikhathi,"  kulanda umzali.

Eqhuba, uthe okuthela upelepele esilondeni ngalokhu wukuthi uma ezama ukulandelela ebuholini besikole ukuthi bakuphi nokuphenya ngalolu daba, akucaci ukuthi yini abayenzayo ukuze athole ubulungiswa, futhi balokhu bethi akalinde uma ecela i-case number yesigameko ukuze akwazi ukuziphenyela yena ngokwakhe.

"Ngize ngathatha umfana wami ngamgcina ekhaya, okungcono ahlale nami futhi ngikwazi ukumnakekela ngoba angazi ukuthi uphephe kangakanani uma ngimphindisela kulesi sikole, okucacayo ukuthi azisukunyelwa nhlobo izimo ezikhathaza abazali, njengoba kungekhona okokuqala ngiba nenkinga enjena. Kungekudala nje kwathi ngizomvakashela esikoleni, ngafika eqhephuke izinyo, futhi enemihuzuko emzimbeni. Nalapho kwathi uma ngizama ukuthi ngilandelele ngalolo daba, kwagcina kuphelele emoyeni kanjalo," usho kanje.

Uthe egcina ukukhuluma nobuholi besikole utshelwe ukuthi uzobizwa uma sekumele kuzobhungwa mayelana nalesi sigameko nezabanye abazali okuvela ukuthi nabo banesimo esifanayo sokuhlukumezeka kwezingane zabo ezifunda kulesi sikole.

Kuthintwa omunye wabazali osesigungwini esilawula ukusebenza kwesikole, naye ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lakhe, uthe kuyamkhathaza ukubona kwanda izigameko ezinjena ezenzeka ngaphakathi emagcekeni esikole, futhi okubonakala kukuncane kakhulu okwenziwayo ukuzama ukuthi zilungiswe.

"Sekukaningi kwenzeka izigameko ezinjena ngaphakathi esikoleni ikakhulu ngonyaka odlule, kepha kugcine kungabanga ndaba zalutho. Okwenza siphatheke kabi kakhulu ngalokho wukuthi sekukaningi sizama ukuhlala phansi nobuholi besikole, senzela ukuthola isixazululo, kepha namanje lutho ukulunga - okwenza size sikholwe wukuthi lokho kwenziwa ngamabomu ngoba nakhu kuhlukumezeka izingane zebala elinsuku njengoba isikole siphethwe wubuholi bebala elimhlophe," kubhodla umzali. 

Kuthintwa uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Deon Davey, uthe akanalwazi ngalezi zinsolo, engeza ngokuthi umuntu okumele abe nemininingwane ephelele yilowo opotshozele intatheli ngazo.

"Kanti futhi uMnyango wezeMfundo unaye umkhumeli wawo. Uma kusuke kunezigameko ezinjalo, ziyaye zibikwe ezikhungweni zeThuthuzela ukulandela umthetho wezindaba zezingane okumele zigcinwe ziyimfihlo kuze kube wukuthi abathintekayo sebeziqinisekisile futhi kwabhekwana nazo ngendlela efanele," kusho uDavey.