Izindaba

UNtokozo ugonyuluke obekungaziwa ngabantwana bakhe

Charles Khuzwayo|Published

UNTOKOZO Mbambo uthe uyabazisa abantwana bakhe kangangoba uhlale ebavikela

Image: FACEBOOK

ISIHLABANI somculo wokholo uNtokozo Mbambo sigonyuluke ngokwenza abantwana baso bangaziwa njengezinye izingane zosaziwayo abaningi. Isibonelo nje, ingane kaBeyonce noJay Z, izingane zikaBenjamin Dube, ezeHhashi Elimhlophe, ezika-Arthur Mafokate, ezikaSolwazi Joseph Shabalala kodwa ezikaNtokozo noNqubeko Mbatha akwaziwa ukuthi zingobani nokuthi zibukeka kanjani.

Ekhuluma kwiThe Motherhood Network with Nandi Madida, uNtokozo (39) uthe okwenza angazivezi izingane zabo ezintathu wukuthi yena nomyeni wakhe, uNqubeko Mbatha, bathatha isinqumo sokuthi bangabandakanyi abantwana babo kudumo lwabo. Uthe lesi sinqumo basithatha ngesikhathi beshada ngoMeyi 17, 2008 ukuthi yibo abangosaziwayo hhayi izingane zabo.

"Yingxenye yempilo esazikhethela yona. Kodwa uma sekuza ezinganeni zethu, ngolunye udaba. Ngeke sazifaka ngekhanda entweni esazikhethela yona, ikakhulukazi ewumthwalo osindayo (esho ukuba wusaziwayo)."

Uthe kwakuyinhloso yabo besaqala umndeni ukuthi bazohlale bebavikela abantwana babo.

"Lokhu akusho ukuthi ezinye izinto ziyimfihlo kodwa zingezangasese. Akusiyo imfihlo kodwa wubungcwele. Yindlela esiphatha ngayo abantwana bethu."

Uthe indlela azihlonipha ngayo izingane zakhe uze angathathi izithombe nabalandeli bakhe uma engcebeleka nazo.

"Uma nginezingane zami, angishuthi nabantu ngoba kusuke kuyisikhathi sazo. Njengoba manje sebebadala, ngihamba nabo noma yikuphi lapho ngiya khona, kungabe ngiyosebenza noma ngiya esontweni, ngiyazama ukuchazela abantu ukuthi kungani nginqaba ukushutha nabo."

Uthe akanankinga ngokushutha nabalandeli uma eyosebenza kodwa uma ezikhiphe nabantwana bakhe, kufanele bakhohlwe njengesidomu esikoleni.

"Ngibacela kahle ukuthi singashuthi, ngingabanga, sibingelelane ngoba kusuke kuyisikhathi sezingane zami. Ngisuke ngenzela ukuthi zazi ukuthi ngigxila kuzo uma kuyisikhathi sazo. Yingoba angifuni zinyanye engibizelwe khona empilweni. Ngifuna zikwamukele kahle."

Uthe akafuni ukuthi zikhule zizonda ubizo lwakhe ngoba lwenza umehluko empilweni yabantu.

"Angifuni izingane zami zikhule zizwa sengathi zazingenaye umama ngenxa yobizo lwami. Ngakho kukimi ukubeka umgoqo nemithetho ezoqinisekisa abantwana bami ukuthi bahlale bazi ukuthi, noma ngiluthanda ugcobo lwami kodwa yibo abangungqaphambili. Ngakho uma ngihlele isikhathi sokuba nabo, kuba ngesikhethekile."

Uthe abantwana bakhe bangamantombazane angananazi uma kukhona afuna ukukusho. Uthe uyakuthakasela ukuba nabo, ikakhulukazi ukubafundisa futhi nabo bayabutusa ubuthishela bukanina, ikakhulukazi uma ebafundisa izibalo.

UNTOKOZO Mbambo uchaze ngokubenza bafihle izingane zabo

Image: FACEBOOK

UNQUBEKO Mbatha noNtokozo Mbambo basangamathe nolimu

Image: FACEBOOK

UNTOKOZO Mbambo noNqubeko Mbatha basangamathe nolimu

Image: FACEBOOK