UBIG Zulu ufeze iphupho lomlandeli wakhe omncane uSbonokuhle Shabalala
Image: SITHUNYELWE
UMREPHA waseBergville, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, ufeze iphupho lomfana waseDenver, eGoli, uSbonokuhle Shabalala kuleli sonto.
Lo mfana (14), olwa negciwane elisemgogodleni futhi olindele ukuhlinzwa esibhedlela iNelson Mandela Children’s Hospital, akakholwanga ehlangana nomculi azifela ngaye, uBig Zulu. USbonokuhle ubelokhu enephupho lokuhlangana noBig Zulu futhi aphinde agqoke izingubo azithandayo zamabhinca.
Umndeni kaSbonokuhle usuke eBergville, weza eGoli ukuze ube naye ngalolu suku olukhethekile. Leli phupho lifezwe yinhlangano esineminyaka ewu-37 ifeza amaphupho futhi ijabulisa abantwana abanezifo ezibucayi ngokufeza amaphupho ayisithupha ngosuku, kusukela ekuhlanganeni namaqhawe abo nasekufezeni izifiso, iReach For A Dream. Le nhlangano ibe seyixhumana noBig Zulu ngesifiso sikaSbonokuhle, naye osukumele phezulu.
UBig Zulu utheleke esibhedlela lapho kwelashwa khona uSbonokuhle eqiqinge izikhwama ezigcwele izingubo zamabhinca kanye nomqhele.
“Kuyisibusiso futhi kuyangijabulisa ukuthi njengomculi, ngikwazi ukufeza amaphupho ngisho abalandeli bami abancane. Ukucela kwakhe ukuthi agqoke njengebhinca kunginika ithemba lokuthi amasiko amabhinca ayanda, futhi ngolunye usuku uzophuma esibhedlela agqoke zimpahla zakhe ezintsha.”
Ngesikhathi bakhuluma bobabili, uSbonokuhle wazise uBig Zulu ngephupho lakhe lokushiyelana naye esteji uma esephumile esibhedlela. Umculi ukhombise ukuzigqaja ngothando lukaSbonokuhle esintwini samabhinca, wamthembisa ukuthi bayobuya bahlangane ngaphandle kwesibhedlela.
“Isikhathi esifeze ngaso iphupho likaSbonokuhle sihle kakhulu njengoba kuyinyanga lamagugu,” kusho uSilindile Tsotetsi, osehhovisi leReach For A Dream eGauteng.
“Ukusiza umlandeli omncane alibone lifezeka iphupho lakhe ngoxhaso likaBig Zulu, kumshiya nenkumbulo engeke iphinde isuke engqondweni yakhe futhi kumnike amandla okuqhubeka nokulwa nesifo sakhe ngobuqhawe.”
Leli phupho likaSbonokuhle lifezeke ngenxa yemizamo yeReach For A Dream yokuthola uxhaso ngomncintiswano weDream Raffle.
"Ngokuthenga ithikithi lenhlanhla elingu-R200, abaxhasi basiza ukufeza amaphupho abantwana abafana noSbonokuhle futhi banethuba lokuwina imoto entsha iJetour X70. Amathikithi atholakala ku-dreamraffle.co.za," kusho uSilindile.
*Khonamanjalo uBig Zulu, Sjava noLwah Ndlunkulu bazonandisa kwi-Old Mutual Music at the Lake Series, eBotanic Gardens, eThekwini ngoLwesithathu kusukela ngo-1 emini. Amathikithi asatholakala eWebtickets nasePick n Pay ngo-R20 kuya kuR295.
Ukuzibeka ethubeni lokuziwinela amathikithi okuba yingxenye yale ndumezulo yomcimbi. Thumela igama elithi "ISOMUSIC" ku-33258, i-SMS ibiza R 1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa ngoMsombuluko, 22 Septhemba, ngo-8 ekuseni.