Tax Icosatu ikhala ngentela ekhokhwa abasebenzi
Image: Freepik
UMFELANDAWONYE wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, uveze ukuthi bevile ku-3.5 million abasebenzi asebenyule imali yabo esikhwameni sezimpesheni.
Lo mfelandawonye uthe le mali isize kakhulu lezi zisebenzi zakwazi ukwehlisa izikweletu ezihleli entanyeni.
Isitatimende seCosatu siveze ukuthi lolu hlelo olwaziwa ngeTwo-Pot Pension, lusize inqwaba yabasebenzi yakwazi ukuphefumula.
"Kusuka kwavulwa ithuba lokuthi abasebenzi bakwazi ukunyula ingxenye yemali yempesheni, imali eyevile ku-R60 billion ifinyelele kubasebenzi abevile ku-3.5 million. Siyawuncoma lo mnyakazo owaqala ngoSepthemba 2024, wokuthi abasebenzi bakwazi ukunyula imali yabo ukuze bakwazi ukwehlisa izikweletu," kusho isitatimende seCosatu ngemuva komhlangano obungeledlule eGoli.
Okhulumela iCosatu uNksz Zanele Sabela, uthe basezingxoxweni nohulumeni ukuthi ehlise umthwalo wentela obhekene nabasebenzi.
Uthe ufuna labo basebenzi abalahlekelwa ngumsebenzi bakwazi ukuthola imali yabo njengoba injalo.
"Sifuna kwehliswe umthwalo obhekana nabasebenzi abasuke bediliziwe. Lokhu kuzosiza ekutheni bakwazi ukwenza izinto zabo bengenayo ingcindezi yentela."
Odabeni oluthinta amadlelandawonye, uthe umhlangano unqume ukuthi kubuyekezwe ubudlelwano bamadlelandawonye okuyi-ANC, SACP, Sanco neCosatu.
"Sizosheshisa umhlangano wamadlelandawonye ukuze sihlahle indlela ecacile ebheke okhethweni lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya. Sizozwa kumalungu ethu ukuthi ikuphi okumele sikwenze mayelana nesizomvotela okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya. Umkhombandlela uzophuma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi yeCosatu ezoba ngoSepthemba 2026."
I-Cosatu isho lokhu nje, i-SACP ayijiki ekungeneleni ukhetho ngokuzimela.
UNobhala Jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, umile ekutheni akukho okungabaguqula umqondo ngodaba lokuzimela okhethweni.
UMapaila uhlale ekuveza lapho ekhuluma khona ukuthi bakhathele ukuncetheza kwi-ANC, bayilandele ekubeni ingazimisele ukulungisa indaba yamadlelandawonye.
I-ANC isamile ekutheni lesi sinqumo se-SACP, sizoyishaya kakhulu okhethweni njengoba ibhekene nokwehlelwa ukwesekwa.
I-Cosatu ithe izosebenzisana nohulumeni ukuwusiza emacaleni athinta ukuyiswa enkantolo kweyokuchitha eyomshwalense wezempilo iNHI, kanjalo nomthetho wokubuyiswa komhlaba.
"Sizowuvikela umthetho othinta ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo eNkantolo yoMthethosisekelo. Sifuna umhlaba ubuyiselwe kubantu ukuze bakwazi ukwakha izindlu baphinde balime."
Lo mfelandawonye uveze nokuthi uzoqhubeka nokuhlaba ikhwelo lokuthi kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane kuleli.
I-Cosatu izogubha iminyaka engu-40 yasungulwa ngoDisemba 6, kulo nyaka, enkundleni yezemidlalo iDobsonville.
Related Topics: