Izindaba

Ligobhozile igazi kubulawa osopolitiki eKZN

CHARLES KHUZWAYO|Published

Igazi

Image: Pixabay

NGESIKHATHI iNingizimu Afrika ithola inkululeko nentando yabantu ngo-1994 kwaba sengathi ukubhuqabhuqana kwabantu ngenxa yombangazwe kuzoshabalala okwamazolo ebona ilanga ngoba babezobe sebeyitholile into ababeyilwela.

 Umuntu wayengabuzanga elangeni ngoba kwaqala phansi ukufa, kwadla silaza kwadla fumuka, ikakhulukazi KwaZulu-Natal.  Kulokhu bekungasalwelwa inkululeko kodwa amadlelandawonye abesebulalana wodwa. Ubufakazi balokho wukuthinteka kwabaholi be-ANC ekubulaweni kowayengunobhala we-ANCYL kuzwelonke, uSindiso Magaqa ngoJulayi 2017. 

UMagaqa, owayeseyikhansela elimele i-ANC kuMasipala waseMzimkhulu,wabulawelwa ukufuna ukudalula inkohlakalo ngehholo elakhiwe kuleli dolobha. Inkabi esanda kugwetshelwa leli cala uSbusiso Ncengwa, yazivumela yona maqede yaveza ukuthi yayithunywe ngowayeyiMeya uMnuz Mluleki Ndobe nowayeyiMenenja kaMasipala uMnuz Zwelaphansi Sikhosana, osagqigqa enkantolo yakule ndawo.

 NgoDisemba 2023 kwabulawa obenguSotswebhu oMkhulu we-DA kuMasipala waseMngeni,  uNhlalayenza Ndlovu eMpophomeni eHowick. Kulesi sigameko  kusolwa iNkosi eyisihlobo sikaNdlovu, uMnuz Siphiwe Zuma (55), uMnu Thabani Masobho Hlongwa (31), Mnuz Khayelihle Shabalala (31) noMnuz Thabo Mathonsi (26).

 Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ngo-2013 bangu-450 osopolitiki abaqothwe kulesi sifundazwe emuva kokuphela kobandlululo. Ngo-2016 kwabikwa ukuthi kwabulawa abantu abangu-20 ngesikhathi kubhekwe okhethweni loHulumeni baseKhaya olwalungomhla ka-3 Agasti ngalowo nyaka, iningi kwakungosopolitiki baseKZN.

 Ukubulalana ngenxa yepolitiki akubanga phakathi kwe-ANC neNkatha Freedom Party (IFP) kodwa kukapakele nakwezinye izinhlangano. Leli phephandaba lithole ukuthi kwabulawa amalungu eNFP kaNkk Zanele Magwaza awu-21 selokhu le nhlangano yasungulwa ngo-2011 kanti neNkatha yaveza ukuthi angu-10 amalungu ayo ayeyimele okhethweni asathelwa othulini. 

Ngo-2013 Abahlali Basemjondolo baveza ukuthi ukubulawa komholi wabo uNkululeko Gwala kwakuhlobene nepolitiki. NgoMeyi 2016 kwagwetshwa amakhansela e-ANC amabili ngokusoconga owayengumholi waBahlali Basemjondolo uThuli Ndlovu. Naba abanye asebendela koyisemkhulu ngenxa yepolitiki.  

Owayeyisishoshovu seNkatha eLindelani futhi eyilungu lePhalamende ngo-2005. UShabalala wabulawa ngaphandle kwesango lomuzi wakhe oseLindelani, eThekwini, kubuka izingane zakhe  ngoJanuwari 20, 2005. Owayeyishoshovu seSACP kodwa esabe sesisekela ikhansela elizimele uSinethemba Myeni wabulawa ngo-Ephreli 12,2006. 

UMazwi 'Komi' Zulu,naye owayeyishoshovu seSACP kodwa eseseka ongenele ubukhansela ngokuzimela, wabulawa eMlaza ngoMeyi 3, 2006. 

Owayengumholi weSanco, uJimmy Mtolo, wabulawa ngo-2009 ngumuntu owayezenza umuntu owayefuna indlu yomxhaso njengoba uMtolo wayejutshelwe lowo msebenzi eNew Germany. Owayengumholi we-ANC Youth League, uSthembiso Cele (27),wabulawa ekhaya lakhe eliseMgababa phambi kwendodana yakhe eyayineminyaka emithathu ngoJanuwari 2009. Inkosi Mbongeleni Zondi owayeyilungu lokuqina le-ANC wabulawa emzini wakhe oseMlaza ngoJanuwari 2009. 

Owayengumholi we-ANC kwaNongoma uBongani Ngcobo wabulawa ngo-2009 futhi kwaboshwa owayeyikhansela leNkatha. Omunye umholi we-ANC kwaNongoma uJabulani Khumalo wabulawa ngo-2009, kwaboshwa ikhansela leNkatha.

 Owayengunobhala we-ANC eThekwini uSbu Sibiya wadutshulwa wabulawa ekwi-drive way yakwakhe eNanda ngoJulayi 2011. Kulesi sigameko kwaboshwa uXolani Sibiya kwathi uzakwabo uZamani Sikhakhane wadutshulwa ngamaphoyisa washona.

 Owayeyikhansela le-ANC eThekwini uWiseman Zithulele Mshibe wadutshulwa wabulawa esegcekeni lomuzi wakhe oseYellowood Park ngoMashi 2011. Kulesi sehlakalo kwagwetshwa udilikajele uNkosiyabo Ngubane. OwayenguSotswebhu omkhulu we-ANC eMkhandlwini wasoGwini futhi engumlandeli omkhulu kaMnuz Jacob Zuma, uWandile Mkhize (34) wabulawa ngokudutshulwa efika  kwakhe eManaba eMargate ngoJulayi 2012 emuva kokusongelwa. 

UMkhize wabulawa nomngani wakhe uNhlakanipho Shabane owayeyilungu lokuqina le-ANC. Kulesi sigameko kwaboshwa uKwanele Hlongwane noDumisani Sikhakhane. Owayeqokelwe ukuba yikhansela le-ANC uDumisani Malunga wadutshulwa wabulawa esendleleni ebheke ekhaya ngoSepthemba 9, 2012. 

Owayengusihlalo wegatsha le-ANC oShabeni, uGabriel Bheki Chiliza,  washonela endaweni yesigameko emuva kokuqhululwa ngentululwane yezinhlamvu.  Owayeyikhansela le-ANC eThekwini uMthembeni Shezi (owayebuye aziwe ngelikaMsizeni Ximba) washonela esibhedlela iRK Khan emuva kokudutshulwa esemhlanganweni eMbaliyethu High eWelbedacht, ngaseChatsworth ngoSepthemba 2012.

 Owayeyikhansela kuMasipala waseMtshezi uJimmy Lembede wabulawa phambi kwendodana yakhe eyayino-11 ngo-Agasti 2012. Owayeyikhansela le-IFP ehostela laKwaMashu, uThemba Xulu wathunjwa maqede wabulawa ngo-Okthoba 2012. Isidumbu sakhe satholwa sidindilizile eNanda.

 Owayengusihlalo we-ANC eWembezi e-Estcourt, uSbu Majola wadutshulwa wabulawa ngoMashi 2013. Owayeyikhansela eliqavile le-ANC kwaNongoma uMakhosonke Msibi wadutshulwa wabulawa kubo oLundi ngo-Agasti 11, 2013. Kulesi sigameko kwaboshwa indoda eyayihlala ehostela laKwaMashu. Owayengumholi weNFP oLundi, uSiphumelelo Buthelezi, walalelwa unyendle wabulawa ngoNovemba 3, 2013.

USthembiso Biyela noBuyisile Malusi,okwabikwa ukuthi babeshiye iNkatha bajoyina i-ANC, babulawa eThekwini ngo-2014. Ababengabaholi benyunyana iNumsa kwaSithebe, uNjabulo Ndebele, Sibonelo “John-John” Ntuli noNtobeko Maphumulo badutshulwa babulawa eMandeni ngo-Agasti 2014. 

Owayengunobhala weSACP eNchanga, uNontsikelelo Blose, wabulawa ngokudutshulwa ngo-Agasti  2016 kwathi owayeyisishoshovu se-ANC uXolani Zungu wabulawa ngokudutshulwa aze agxotshwe ngamatshe esigamekweni okusolwa kuso ukuphindiselela ukufa kukaNksz Blose.

Owayeyikhansela le-ANC ku-ward 88 kuMasipala weTheku, uSibusiso Maphumulo wabulawa ngokudutshulwa esemotweni yakhe ngo-Okthoba 18, 2018. 

Ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba 2021 kwalalelwa unyendle owayeyikhansela le-ANC  ku-Ward 101 eCato Crest, uSiyabonga Mkhize owabulawa ngokudutshulwa nomqaphi wakhe uMzukisi Nyanga. 

OwayeyiPR Councillor futhi emele iNkatha kuMasipala iLembe, uSbani Robert Mdletshe, wabulawa ngokudutshulwa eyongena eSpar Supermarket eMandeni ngoMeyi 2021.

Ngo-Okthoba 2021 owayemele iNFP okhethweni loHulumeni waseKhaya ku-ward 17 kuMasipala wakwaNongoma uDumisani Qwabe wadutshulwa maqede washiswa nemoto emgwaqweni uR66 phakathi kwasoPhongolo nakwaNongoma.

Ngomhla ka-15 Septhemba 2022 kwadutshulwa kwabulawa ikhansela elikuMasipala Ilembe,uZakhele Khuzwayo (44) KwaMaphumulo. Ngaleli cala kwagwetshwa udilikajele neminyaka engu-12, uPhathesakhe Thuthukani Ngiba.

NgoJulayi 30, 2023 kwabulawa ngokudutshulwa ikhansela leNFP kuMasipala waKwaNongoma, uNtombenhle Mchunu (75), owayelele nomzukulu. Owayeyikhansela le-IFP kuMasipala waKwaNongoma, uNdukwenhle Duma wabulawa ngentululwane yezinhlamvu emgwaqweni u-R618 eMtubatuba ngoFebhuwari 7, 2024.

Owayeyisishoshovu se-ANC kodwa obesehlubukele kwiMK Party uMorgan Sihle Mbili washiswa nomjondolo ayehlala kuwo eCato Crest ngoMeyi 2024 kwathi owayehola umkhankaso waleli qembu kule ndawo uMxolisi Zuma wabulawa ngokudutshulwa ngoJuni nyakenye.

Lokhu kubulawa kwabepolitki akugcinanga ngokugobhozisa igazi kodwa kuchaphazele