Izindaba

Kube muncu kwabaseZimbabwe bebuyiselwa ekhaya besuka e-US

Published

Kube muncu kwabaseZimbabwe bebuyiselwa ekhaya besuka e-US

Image: Screengrab/ZBC

Iqulu labantu abadabuka eZimbabwe lifike esikhumulweni sezindiza iRobert Gabriel Mugabe International Airport eHarare ngendiza esuka eMelika ngemva kokuxotshwa yiWashington. Njengoba begqoke izingubo kuphela emhlane, leli qulu lamadoda libonakale likhungathekile njengoba libhekene neqiniso lokubuyela ekhaya lingahlelile ngemva kokuchitha iminyaka phesheya.

Indiza ebiqashiwe kubikwa ukuthi yehlise abaseGhana nabaseZambia ababedingisiwe. Isuka eZimbabwe, ibibheke ukuhambisa abantu baseMozambique abaxoshwe e-US. Umsakazo weZimbabwe Broadcasting Corporation (ZBC) uthwebule ukufika kwalaba bantu waxoxisana nabanye. Ngokusho kwalo msakazo, laba balisa bebedonsa izigwebo emajele ngamacala ahlukene e-United States ngaphambi kokuthi uhulumeni aqome ukubabuyisela emakhaya.