UMPHROFETHI Shepherd Bushiri nomkakhe uMary Bushiri
Image: SIGCINIWE
U-INNOCENT Sadiki noMillicent Mashile
Image: FACEBOOK
MUZI Mthabela
Image: SIGCINIWE
ABANTU abaningi emhlabeni wonke jikelele bahlalele ovalweni kulandela ukusabalala kwezinkulumo ezibalula ukuthi umhlaba uyagoqwa kusukela ngoSepthemba 23 kuya kumhla ka-24.
Lesi siphrofetho siqale sashiwo omunye wabefundisi abadume ezinkundleni zokuxhumana uBrother Enigma. Lo mntwana kaNkulunkulu usezakhele ugazi nesigcwagcwa ngokudalula izingxoxo athi uba nazo neNkosi uJesu Khrestu "UJesu wathi...". Abanye sebeze bamfaka enkantolo ngoba besola ukuthi uBrother Enigma usuke efuna ukubukwa ngamagama abo.
UBrother Enigma, kwiYouTube Channel iChris Network, uthe kuzobamnyama ngoba uNkulunkulu ucasuke kakhulu. Uthe ugesi ngeke usebenze izinsuku ezine, ngakho kuzodingeka amakhandlela nelambu elisebenzisa upharafini. Eqhubeka uthe abantu kufanele bazi ukuthi ngeke ugesi, amafoni namalambu ezimoto kusebenze. Kuqale kwathiwa uBrother Enigma usevukwe yilokhu kuhhema kwakhe.
Lithe lingakagwinywa elikaBrother Enigma, kwaqhamuka omunye umfundisi wakuleli, uPastor Joshua Mhlakela kwiCettwinz TV wathi naye uboniswe ngokubuya kukaJesu ezolanda ibandla lakhe emhlabeni. UMhlakela uthe uyibonile impela iNdodana yoMuntu esibonakalisweni imtshela ngosuku ezobuya ngalo. Uthe okuzokwenzeka kubizwa nge-rapture, okuwumzuzu ngokwenkolo yobuKhrestu lapho amakholwa ehlwithwa emhlabeni, eyiswa eZulwini bese kuthi abahedeni basale bodwa emhlabeni.
"Ngimbonile uJesu ehlezi esihlalweni sakhe. Bengimuzwa kahle futhi ngokucacile ethi 'Ngiyabuya maduze.'"
Omunye wabethuli kwiCenttwinz TV, uMillicent Mashile, uthe uyavumelana nokubuya kukaJesu futhi ukulangazelele kabi ukuya eZulwini kodwa akanasiqiniseko ngosuku azobuya ngalo.
"Enginesiqiniseko sakho wukuthi uJesu uzobuya ezolanda umlobokazi wakhe, okuyibandla," kusho uMillicent ongumethuli wezinhlelo zethelevishini nomlingisi wemidlalo yeTV kwiThe Voice with Palesa Podcast.
Newele likaMillicent, u-Innocent Sadiki onguSthoko kwiSkeem Saam lithe abantu kufanele bahlale belindele ukubuya kukaJesu njengomfundi osuke ezobhala izivivinyo zakhe zokuphela konyaka.
Umlingisi wemidlalo yethelevishini nongumethuli wezinhlelo kuKhozi TV, uMuzi Mthabela, uthe akukhona okokuqala kuthiwa uJesu uyabuya. Uthe kwaqala kwathiwa uzobuya ngo-2000 kodwa kwangenzeka. Uthe nakuba kunjalo kodwa zikhona ezinye izimpawu ezikhombisa ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Uthe bakhona abaphrofethi beqiniso ngalokhu kodwa futhi bakhona abasenga ezimithiyo. Eqhuba uMuzi uthe ibhayibheli lithi uJesu uyofika njengesela esezohlwitha ibandla lakhe, ngakho akekho oyokwazi usuku nomzuzu. Unxuse abantu ukuba bakhonze uMdali ngeqiniso ngoba isikhathi sokudlala siphelile futhi abayeke ukufuna ukuzwa ngabantu.
UMphrofethi uShepherd Bushiri waseMalawi uthe kwabikezelwa kudala ngalolu suku futhi kubhaliwe naseBhayibhelini, ikakhulukazi ku-Hosea 6:2 naku-2 Peter 3:8. NoMphostoli Given Gobhozi kwiThabani ST Media naye uthe ubonisiwe ngokuphela komhlaba ngoSepthemba 23.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi lolu suku luqondene noMkhosi wamaJuda obizwa ngeJewish Feast of Trumpets, lapho amaKhrestu amaningi ehlanganisa lomkhosi nokugcwaliseka kombhalo oseBhayibhelini. Omunye waleyo mibhalo ngosencwadini etholakala KwabaseThesalonika 4:16-17, efundeka kanje "Khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni, kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo..."
Nakuba kunjalo kodwa umbhalo osencwadini NgokukaMatewu 24:29-30 kuthiwa "Ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkamyezi ziyakuwa emkhathini, namandla eZulu ayakuzanyazanyiswa. Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu eZulwini bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini eZulu, inamamdla nenkazimulo enkulu...".
Iqhubeka le ncwadi kuvesi 36 ithi "Kepha lolo suku nalelo hora akekho owazi lutho ngalo nezingelosi zaseZulwini naNdodana, nguBaba kuphela."
Inkulumo kaBrother Enigma noMhlakela isiqibule enkulu inkulumompukiswano kubazalwame bamahlelo ahlukahlukene. Abanye abefundisi abafana noKing Luther bathe lezi zinceku ziyabhudazela, ilanga lingawa licoshwe yizinkukhu.
NoPastor Motha uthe ngamampunge wodwa lawa okubuya kukaJesu ngoSepthemba 23 kuya kumhla ka-24. NoPastor Steven Konanani kwiCenttwinz TV uthe inguhubhu lukabhejame eyokuhlwithwa kwamakholwa ngoSepthemba kodwa imimoya nje ehlasele umzimba kaKhrestu. Yize kunjalo kodwa iningi lamakholwa nebefundisi lithi nje igcagcele esokeni ngoba kade kwabikezelwa ngalolu suku.
Brother Enigma
Image: Facebook