Izindaba

Zithukuthele ziyaveva izimbongi ezinamagalelo emzabalazweni

Charles Khuzwayo|Published

Mzwakhe Mbuli

Image: SIGCINIWE

Zolani Mkiva

Image: SIGCINIWE

ZITHUKUTHELE zibhodla umlilo izimbongi ezayibamba ishisa insimbi ngesikhathi somzabalazo wenkululeko yakuleli,  uMzwakhe "The People's Poet" Mbuli noZolani Mkiva ngenxa yomthetho ogunyaza ukuba abesilisa bathathe izibongo zamakhosikazi abo. 

Ngesonto eledlule iNkantolo yoMthethosisekelo ithe sebevumelekile nabesilisa ukuba basebenzise izibongo zabesifazane asebebophe ifindo likasofasilahlane nabo. Ithe lomthetho ungaphansi kwesigaba 26 (1) (a) to c, okuchaza ukuthi uMthetho wokuBhaliswa komuntu uma ezalwa noma ehamba emhlabeni sewuchithiwe. 

UMbuli uthe lomthetho usangene, ngakho kufanele uchithwe ngoba kuyacaca ukuthi uqhamuke nejaji elizisanganele futhi elingawahloniphi amasiko abantu abamnyama. Uthe lomthetho uzodukisa futhi uphendule izizukulwane ondingasithebeni ngoba uphambene ngisho naneBhayibheli.

"UNkulunkulu wenza indoda inhloko yomndeni, okubandakanya nokusetshenziswa kwesibongo sayo. Le nkinga yaqala ngesikhathi amazwe ase-Afrika ebuswa ngemithetho yasentshonalanga neyenza imithetho yase-Afrika yagcina seyibukeleka phansi. Abantu base-Afrika uma  bezethula baqale bazigqaje ngobubona, okuyizibongo zabo kanye nangezithakazelo zabo. Ngakho lomthetho uzokwenza isizukulwane sinhlanhlathe."

Unxuse abanolwazi ngamasiko ase-Afrika ukuba basukume babhukule balwe nalo mthetho ngoba uzofaka ubuhlongandlebe.

NoMkiva, osenguNobhala-Jikelele weContralesa,  uthe kuyahlekisa ukuthi inkantolo yase-Afrika ingaqhamuka nomthetho ofuze lona. Uthe umthetho ozokwakha ubutho phakathi kwamadoda nabantu besifazane ngoba akukaze kwanomuntu wesifazane olahlekelwa yimvelaphi yakhe ngenxa yokugcagcela endodeni.

"Abesifazane bayaqhubeka nokusebenzisa izibongo zabo ngisho sebeshadile. UMaXulu uyqhubeka nokubizwa ngoMaXulu ngisho eseshadile." Uthe lomthetho bazowuphonsela inselelo ngokomthetho nangokwepolitiki imbala.  

Umlingisi weShaka Ilembe futhi ongumdidiyeli wamabutho aKwaMandlakazi, kwaNongoma, uNkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba, ukhwele wadilika kuhulumeni ngokwamukela lo mthetho athe uphambene nesiko.

UPhakelumthakathi uthe inkukhu iyawusola kuye umgqakazo ngokushaywa kwalomthetho ngoba abantu bakuleli sebephume umkhankaso wokuxosha abantu abakuleli ngokungemvumo.

Uthe okwenza uhulumeni amukele lomthetho yingoba uyazi ukuthi abantu besifazane bantekenteke.  "Uhulumeni ushaya lomthetho uzama ukujabulisa nina bantu besifazane ngoba uyazi ukuthi nizolanda amadoda ngezibu** eNigeria, niwalethe lapha eNingizimu Afrika....Musani ukuvumela uhulumeni asebenzise nina ukudayisa izwe."

 

UPhakelumthakathi

Image: SIGCINIWE