Odilikajele ababili kolahlwe elokudlwengula nokubulala umzala
Image: Sigciniwe
Inkantolo eNkulu ebihleli eMthunzini igwebe uMduduzi Msezane oneminyaka ewu-41 odilikajele ababili ngokudlwengula nokubulala umzala wayo ngo-2021 eZimpakaneni, KwaNongoma.
Ummangalelwa nomgilwa uNomvula Mbatha owayeneminyaka ewu-24, bebehlala kule ndawo futhi isimo sasimuncu phakathi kwabo. Ngosuku lwesigameko, umufi wayekade ezihlalele nabangani bakhe emzini thizeni. Bahlukana nabangani umgilwa wase ehamba eya kubo nokulapho ahlangana khona nommangalelwa endleleni. Ummangalelwa wadlwengula umgilwa wamklinya wambulala.
Amalungu omphakathi apheka ngemibuzo ummangalelwa waze wahlambuluka ukuthi wuyena ogile lo mkhuba. Kuthe emuva kokuthi eseboshiwe washintsha waphika ukuthi wuyena owenze lokhu.
UMshushisi u-Advocate Pretty-Girl Thobile Ntsele wethule ubufakazi bolibofuzo obuyamanisa ummangalelwa necala. Umshushisi ubize nofakazi ababili ababekhona ngesikhathi ummangalelwa ehlambuluka phambi kwabantu. Bobabili bathe ummangalewa wahlambuluka ngokuthanda kwakhe engaphoqiwe.
UNkosazana Ntsele, ekhonga isigwebo esiqinile wethule isitatimende esibhalwe wudadewabo kamufi asibhale eluswe wuMandisa Paulette Sikakane oyi-Court Preparation Officer. Esitatimenendi udadewabo kamufi uthe bafe olwembiza ngoba umufi ubewuthanda umndeni ewunakekela. Uthe ubebhekelele isimo ekhaya ethenga ukudla. Uthe Bashayeke kakhulu sebethola ukuthi kanti wummangalelwa ngoba wumuntu abebemthatha njengomfowabo.
Ummangalelwa ugwetshiwe emuva kokulahlwa ngecala. Isicelo sakhe sokwedlulisa isinqumo senkantolo sichithwe.