Izindaba

Kuye ngokwamagama enkehli kukhokhwa u-R1 billion wosonkontileka

Nkosikhona Cele|Published

UMPHATHISWA weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer

Image: SITHUNYELWE

UMNYANGO weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal usuqedile ukukhokha isikweletu sosonkontileka esilinganiselwa ku-R1 billion.

Lokhu kuvele esitatimendeni abasithumelele abezindaba lapho umnyango oholwa nguMartin Meyer uqinisekisa ukuthi le mali isikhokhwe yaphela.

Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi ike yaba yindaba egudwini eyokungakhokhelwa kosonkontileka. Ukuphothulwa kwalesi sikweletu kuye ngokwamagama enkehli njengoba uMeyer wakuveza phambilini ukuthi bazobhukula benze isiqiniseko sokuthi bayasikhokha basiqede.

Ngokusho kwalesi sitatimende ukuphothulwa kokukhokwa kwale mali kuyinto efana ncamishi nokuqopheka komlando.

"Lokhu kuyaqala ngqa ukuthi kwenzeke kulo mnyango. Bekungakaze kwenzeke nhlobo kule minyaka eyedlule. Akekho noyedwa usonkontileka ongakhokhelwe imali yakhe njengamanje,'' kusho isitatimende.

Siqhuba sithi imali ebikweletwa ibiyisithiyo esikhulu ikhinyabeza ukusebenza komnyango. "Lokhu bekungesiwona nje umthwalo emnyangweni kuphela kodwa nakubona osonkontileka ebese behluleka wukugcina izethembiso zabo ngenxa yokungakhokheleki,'' sisho kanjena.

Siveza ukuthi inkokhelo yokugcina eyenziwe wumnyango ebiya kosonkontileka ilinganiselwa ku-R200 million.

"Lokhu kusho ukuthi osonkontileka sebezokwazi ukuqhubeka nomsebenzi wabo wokukhokhela abasebenzi baphinde bakhokhele namathuluzi,'' sisho kanjena.

Ukuphothulwa kokukhokhwa kwale mali kwenzeke ngesikhathi esingangonyaka izintambo zokuhola umnyango zithathwe nguMeyer.

"Ngesikhathi engena kuleli hhovisi uMeyer enye yezinto ezaziseqhulwini kakhulu kwakungukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuqeda izikweletu,'' kusho isitatimende.

Umnyango utuse indlela enhle yokusebenzisana othi ibe khona phakathi kwawo nosonkontileka ebebekweletwa. Lesi sitatimende sithi uMeyer ubethulele isigqoko abanye babaholi bomnyango abasebenze ngokuzikhandla okukhulu ukuqinisekisa ukuthi lo msebenzi uyaphothulwa.

Uncome indima eklanywe yisikhulu salo mnyango esisabambile, uDkt Vish Gover wancoma kakhulu ubuhlakani bakhe nokuthanda kwakhe umsebenzi.

Umnyango uthi kube lula ukuthi kube khona ukuxoxisana phakathi kwawo nosonkontileka ngenxa yobudlelwane obuhle obukhona phakathi kwalezi zinhlaka. Kusuka manje kuya phambili lo mnyango uthi uzoqinisekisa ukuthi kusetshenziswana kahle futhi iyagwemeka inkinga yokungakhokhelwa ngesikhathi kosonkontileka.