Izindaba

Izintombi nto zigudle ‘amatshitshi omgunyathi’ alethwe ngamasoka eMhlangeni

Simangaliso Ntshangase|Published

AMATSHITSHI abeseMkhosini woMhlanga ngempelasonto oLuthando Dlamini, Precious Meyiwa, Bongiwe Ngubane noZiyanda Dlamini, asuse umsindo ngezinsolo azenze oKhozini FM ngamatshitshi-mbumbulu okuthiwa abekulo mcimbi waminyaka yonke

Image: FACEBOOK/UKHOZI FM

SEKUQUBUKE omkhulu umsindo ngenxa yezinsolo ezenziwe yingxenye yezintombi nto ebezihambele uMkhosi woMhlanga wanonyaka, obusesigodleni eMashobeni, oPhongolo, lapho obekubuthene khona izinkulungwane zamatshitshi.

Umsindo usuke ngoLuthando Dlamini, Precious Meyiwa, Bongiwe Ngubane noZiyanda Dlamini - amatshitshi abekade eseMkhosini woMhlanga, abemenywe ohlelweni loKhozi FM ntambama ngoMsombuluko, iWoza Nabangani bakho olwethulwa wuKhathide "Tshatha" Ngobe.

Lezi zintokazi bezimenyelwe ukuzochaza ukuthi kuhambe kanjani kulo mcimbi ongeminye yethandwa kakhulu nesho lukhulu ebantwini bezinhlanga ezahlukene, ikakhulu amaZulu, njengoba ungenye yezindlela ezisetshenziswa ukugcina isiko lokuziphatha kahle ezintombini.

La matshitshi akhale ngokuthi okuwaphathe kabi kulo mkhosi wukuthi bekunezintombi, ezingaziwa ukuthi zihlolwa kuphi futhi angakaze azibona ndawo uma kusuke kuhlangenwe lapho okuhlolwa izintombi khona - ezifike kulo mcimbi zihamba ngonyanyavu lwezimoto zamasoka azo okubalwa kuzona ama-V Class, okuthiwa bekubukwa zona zehla zenyuka ngazo esigodlweni.

Zikhale ngokuthi izenzo salezo zintokazi ziwaphathe kabi kakhulu ngenxa yokuthi sicekela phansi isithunzi salo mkhosi, nanokuthi ukuzenza kwaso amatshitshi ekubeni kube kwaziwa kahle ukuthi aziseziwona kuphazamise izintombi nto ebezize kulo mcimbi ngenhloso enhle, nezingabange zisawuthola umhlanga ngoba usuhlwithwe kuqala yilabo abangasewona amatshitshi.

Inkulumo yalezi zintombi isuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, kwaze kwavela igama lentokazi edume ezinkundleni zokuxhumana uSnow Zulu, owaziwa ngokuthanda imicimbi yezesintu novame ukufaka izithombe zakhe evunile njengetshitshi.

Kuthiwa le ntokazi engomunye walawo mantombazane okusolwa ukuthi avumbuka eMhlangeni kuphela, okuvela ukuthi ifike emcimbini ihamba ngonyanyavu lwemoto yesoka layo. Kanti futhi kweminye yemibhalo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, kuvele ukuthi le ntokazi iziphendulele kulezi zinsolo yathi: “Umona yifa lezinja. Ukube impumelelo siyicela komama benu ngabe kade safa ngoba phela omama benu bazi imithi.”