Izindaba

Kumuncu eNaturena!

Ndumiso Jalubana|Published

Kuhlukene ukuphawula ngemiphumela yaseNaturena

Image: x

Kuhlukene imibono kubathandi bebhola ngemiphumela yomdlalo we-Kaizer Chiefs ne-Sekhukhune United, enkudleni yezemidlalo iFNB Stadium, ngoLwesibili.

Ngokwemidlalo yeChiefs edlule, abalandeli beKaizer bebezincoma ngokungangenelwa amagoli, bandizela phezulu esicongweni nokuyinto engajwayelekile. Konke lokho sekuvele kwashabalala ngomdlalo owodwa-nje oguqule yonke into.

Isikhalo esikhulu esokuthi abafana basePhefeni benza kahle emidlalweni yokuqala umqeqeshi omkhulu uNasraddine Nabi engekho, esaxinekile ngesimo sokulimala kukankosikazi wakhe.

Ukubuya kwakhe kwehlise umfutho njengoba sekunje.

Ihlukene imibono yabantu njengoba abanye abalandeli bethi uNabi uyayazi into ayenzayo kodwa ibhola liyaginqika ngakhokhe akonakele lutho.

Bakhona abanganeme ngemiphumela yakamuva bafisa sengathi bangazibambela kwezokuqeqesha ukuze bezokwazi ukwenza ababona ukuthi kulungele iqembu bakhala ngokuthi umqeqeshi wabo ubadicilela phansi ngenxa yokuthi imidlalo ebiholwa ngabasizi bakhe yona bayiphumelela. Bayabuza futhi ukuthi ulishintshelani iqembu eliwinayo ngoba lokho kuyabalimaza futhi akubaphethe kahle. 

Kukho konke ukuphawula okuvelayo, abalandeli bamile ekutheni iKhosi alipheli moya!

Ukukhala okugedla kwamazinyo eFNB Stadium ngoLwesibili

Image: Facebook

Sikhulu isililo ngoNabi

Image: Facebook

Kubi kwiziMpofana kuthiwa nokudla akungeni

Image: X

Kuqalile okwangemihlangemihla

Image: X