Izindaba

UZungu nekhwelo kuhulumeni lokunqanda ukuphela kwemisebenzi

Thami Magubane|Published

KUYAKHATHAZA ukwanda kwabantu abangasebenzi eNIngizimu Afrika

Image: HENK KRUGER

USOMABHIZINISI obuye abe ngumnikazi weqembu lebhola lezinyawo AmaZulu FC, uMnuz Sandile Zungu, usexwayise ngokuthi ukusweleka kwamathuba omsebenzi okuhambisana nesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi ngesinye sezizathu ezenza ukuthi kungabi nozinzo ezweni.

UZungu usho njalo engxoxweni nephephandaba eliwuzakwabo weSolezwe i-The Mercury, lapho edalule khona ukuthi kumele kusukunywe kwenziwe imizamo nezaba zokunqanda ukudloba kwalo monakalo awubona uzoba nomthelela omubi ezweni. 

Udalule nokuthi ukungazinzi komnotho wezwe, okudalwe nawukunyuka kwentela yempahla okwenziwa ngabaseMelika, kanjalo nokudilizwa kwabantu emisebenzini eyahlukene nokuvalwa kwezimboni namabhizinisi athile kube nomthelela omubi. 

Kuleli zwe isalokhu iqhubeke njalo inkinga yokusweleka kwemisebenzi njengoba izimboni eziningi ziqhubeka nokudiliza abasebenzi osekudale ukuthi izinyunyana zabasebenzi zizwakalise ukukhathazeka kwazo ngalokho.

Izibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics SA zidalule ukuthi iyaqhubeka nokwanda inkinga yokusweleka kwemisebenzi njengoba sekulahleke imisebenzi ewu-291 000 engxenyeni yokuqala ka-2025, okuhlanganisa nengu-194 000 elahleke embonini yezokuhwebelana, engu-119 000 embonini yokwakha, engu-35 000 embonini yezimayini, engu-68 000 ezimbonini ezizimele nengu-45 000 emphakathini. 

UQWEQWE lukasomabhizinisi nomnikazi weqembu lebhola lezinyawo AmaZulu FC uMnuz Sandile Zungu

Image: SITHUNYELWE

UZungu uthe ukusweleka kwemisebenzi, ukwanda kobugebengu nobuningi babantu abangaqeqeshelwe amakhono amqoka yizona zinto ezenza ukuthi umnotho wezwe ungakhuli kahle. Uthe okubi ngalokho wukuthi kubukeka kunganele okwenziwa wubuholi bezepolitiki ukuzama ukulungisa izinkinga ezibhekene nezwe.

"Enye yezinselelo ezisibeke lapho esikhona manje wukuba phezulu kwezinga lenzalo yemali mboleko, lokho okwenza ukuthi bangabi baningi abantu ababa nklamu nklamu ukutshala imali yabo ezweni lethu ngoba babona ingekho into ebakhuthaza ukutshala imali yabo," kusho uZungu. 

Uthe ukungavikelwa kwezimboni ezahlukene kunomthelela ekupheleni kwemisebenzi ngokweqile, okuyinto abona kufanele ukuthi ilungiswe ngokukhulu ukushesha.

"Yingakho kudingeka ukuthi kwenziwe izindlela nezinhlelo zokuvikela izimboni zethu ezimqoka ezweni, sizisize ukuze ziqhubeke zibeke phambili imikhiqizo yazo ukuze ziqhubeka zenze inzuzo ezozisiza ukusimamisa umnotho," usho kanje.