Umkhuzi wamaphoyisa eKZN uLT General Nhlanhla Mkhwanazi ufuna R5 million kuPaul O’Sullivan
Image: Isolezwe
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, usevulele umphenyi ozimele, uPaul O’Sullivan, icala lokwehliswa kwesithunzi, futhi ufuna amademeshe ka-R5 million.
Amasamanisi, afakwe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngeledlule, achaza amacala amathathu lapho u-O’Sullivan esolwa ngokuhlambalaza uMkhwanazi esidlangalaleni. Ephendula, u-O’Sullivan ukhiphe isitatimende ethi ngeke aphumele obala aphendule imibuzo ngalolu daba, njengoba kuwukuzithoba. Emasamanisini akhe asenkantolo enkulu, uMkhwanazi ubala amacala amathathu lapho u-O’Sullivan, ekhuluma kwabezindaba, ebeka izinsolo ezimbi ngaye kulo nyaka. Izinsolo zika-O’Sullivan ziveza ukuthi uMkhwanazi wasebenzisa budedengu izimali zamaphoyisa ngesikhathi esabambe njengokhomishana wamaphoyisa, nokuthi wamukela izipho zikanokusho ezivela kwabahlinzeka ngemisebenzi nokuthi uyisigebengu esixhumene nobugebengu obuhleliwe.
Izitatimende zika-O’Sullivan zazikhomba ngenjumbane neNhloko yeCrime Intelligence, uDumisani Khumalo, kanye noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola. UMkhwanazi umangalele u-O’Sullivan ngo-R5 million ngokudicilela phansi isithunzi sakhe, ethi ucele u-O’Sullivan ukuthi ahoxise izinsolo zakhe esidlangalaleni futhi axolise nokuyinto ahlulekile ukuyenza. Empendulweni ekhishwe ngoLwesibili, u-O’Sullivan uthi unobufakazi obuqinisekisa izinsolo zakhe, wengeza ngokuthi uhlose ukwabelana ngazo neKhomishini kaMadlanga yophenyo.