UNDLUNKULU weSilo omusha, uSihle Mdhluli
Image: KZN DSAC/ Sphamandla Mbhele
KUBUKEKA zizowushaya kungekudala eSilweni uMisuzulu kaZwelithini noNdlunkulu omusha uSihle Mdhluli njengoba iMbube ithe bekungokokugcina kulo nyaka ukuba uNdlunkulu agqishe nezintombi eMkhosini woMhlanga.
IMbube ithe ukube kuya ngayo ngabe uNdlunkulu uvalelise kanye nezinye izintombi ebezivalelisa izolo, ngoba lona bekunguMkhosi woMhlanga wokugcina egqishe nezintombi.
IMbube isho kanje ngesikhathi ivalelisa izintombi eseziya kogana, izolo.
IMbube isanda kuthembisa uNdlunkulu ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga eSwatini. Izolo, abaseNdlunkulu bamukele ngokusemthethweni uNdlunkulu omusha..
"Kuleli butho elilapha ngaphambili kufanele engabe uNdlunkulu walayi khaya ukulona ngoba angimboni impela ngonyaka ozayo."
IMbube ifisele izintombi eseziyogana inhlanhla, yabuye yakhalaza ngokuthi izintombi eziningi zigugela emakhaya.
"Zinsizwa zakithi ngiyazi ukuthi impilo ayilula, inzima. Akulula ngiyazi zinsizwa ukuthi nithathe amakhosikazi. Kudinga ukuthi uqine. Manje angazi ngoba izintombi zingaka ukuthi nizothini.
"Makhosi aseNdlunkulu kofanele siluhlalele phansi silucubungule lolu daba. Nampa odadewethu begugela emakhaya. Angikhali ngabalayi khaya kuphela kodwa kuyefana kuyo yonke imizi. Uma kukhona lapho okufanele sigxegise khona kofanele senze njalo."
IMbube iphinde yancoma ukuba impumelelo koMkhosi woMhlanga obuqala ukubanjelwa esigodlweni esisha, eMashobeni.
Kule minyaka ewu-40 eyedlule, uMkhosi woMhlanga ububanjelwa esigodlweni eNyokeni.
Isinqumo seSilo sokusa uMkhosi woMhlanga esigodlweni esisha sashiya abaningi bezibuza ukuthi ngabe ikhona yini ingqalasizinda eyanele esigodlweni esisha njengoba kwaziwa ukuthi uMkhosi woMhlanga uhanjelwa yizinkulungwane zabantu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthembise ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzothuthukisa isigodlo esisha.
UNtuli uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal uzohlezi uyeseka imikhosi yaseNdlunkulu.
Related Topics: