Izindaba

Ugogo ushise umkhulu nendlu ecikwa 'ukuhlukunyezwa'

Nkosikhona Cele|Published

Ushe washona umkhulu oshiswe nendlu

Image: Sigciniwe

LUKHULUNYELWA emakhoneni emphakathini waKwaNgcolosi udaba lukagogo oshise umkhulu ongumyeni wakhe nendlu ngoba kuthiwa bese ekhathele wukuhlukunyezwa nguyena.

Isolezwe lithole ukuthi umufi, uMnuz Mgcabeni Ndlovu ushiswe wugogo, uMaNgubane Ndlovu, waphelela khona ngaphakthi endlini. Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba uthe bebumuncu ubudlelwano phakathi kukagogo nomkhulu - behlala beklwebhana.

Uthe bebeyinkukhu nempaka yize bebehlala ndawonye. Uthe yinto endala kabi ukubhimba kwezinto kubona, kodwa bebeqhubeka behlala ndawonye. Kuthiwa nemindeni beyazi ngenkinga yabo.

UNksz Slindile Ndlovu ohlobene nabo ukhulume neSolezwe wakhala ngalo mshophi ogubuzele umndeni. Uthe badangele ngokubehlele. Udalule ukuthi yinto endala le yokuhlukunyezwa kukagogo.

''Khona yinto ebesiyazi ukuthi ugogo uyahlukumezeka. Akuyona into yamanje kusukela kudala nje impela yinto ebiyenzeka,'' usho kanjena.

Ebuzwa ukuthi angabuchaza njengobunjani ubudlelwano bukagogo nomkhulu uthe ngabe uqamba amanga uma engathi bekuwubudlelwano obebuhamba kahle.

Echaza ngokwenzeke ngosuku lwesigameko uthe bathole ukuthi umnyombo usukela ekuhizisaneni phakathi kukagogo nomkhulu.

"Thina besingekho kodwa sizwile ukuthi kube nengxabano phakathi kwabo kwagcina sekonakala njengoba kugcine kwenzekile nje,'' usho kanjena.

Ubalise ngobuhlungu athe njengomndeni njengamanje bayabuzwa.

"Khona kubuhlungu futhi kakhulu nje angazi nokuthi lobu buhlungu buzophela kanjani futhi nini. Le nto besingayilindele nhlobo ukuthi ingagcina yenzekile,'' usho kanjena.

Udalule ukuthi ugogo nomkhulu sebesele namadodana amabili asadla anhlamvana wathi abanye abane sebalala kobandayo.

Kuthiwa isigameko senzeke ngeSonto. Kuthiwa uMaNgubane wavele wabasa isitofu wasifaka ngaphansi kombhede kaNdlovu obelele, wase ephuma evala umnyango. Kuvele ukuthi sekunesikhathi uNdlovu ewumuntu olala ngisho emini ngenxa yokuthi washaywa yisifo sohlangothi eminyakeni edlule. 

Amaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngalolu daba, kepha abomndeni bathe uMaNgubane akaboshwanga. Kuhlelwe ukuthi uNdlovu afihlwe kusasa.