U-DJ Zinhle usayingqungqulu eshaya amaphiko emkhakheni wokudijeya kuleli
Image: FACEBOOK
U-DJ odabuka KwaZulu-Natal, uNtombezinhle "Zinhle" Jiyane-Mahosana, ukholelwa ukuthi abesifazane kuleli banganqoba uma bengasebenzisana.
U-DJ Zinhle (42) waseDannhauser, ukhulume kanje emuva kokuklonyeliswa ngendondo yePowerhouse (SheCan) Award kuma-2025 WomenCan Awards Gala Dinner eMhulu Luxury Boutique Hotel, eMidrand, eGoli.
Uthe lo mklomelo usho lukhulu kuye ngoba ulapho ekhona ngenxa yokufukulwa ngabanye abantu besifazane. Eqhuba uthe abanye bamkhulisa, bamsekela kanti abanye bamkhuthaza ukuze abe yile ngqungqulu eshaya amaphiko e-Afrika.
"Lo mklomelo akusiwo owami kodwa owanoma wubani wesifazane ongakwesabi ukuphupha futhi onentshisekelo."
Umgqugquzeli walo mqhudelwano wezindondo okuhloswe ngawo ukuchoma uphaphe lwegwalagwala abesifazane abavelele, uTumi Mthembu, uthe okwenze uDJ Zinhle wagqama esixukwini ukukwazi ukuhola nokufukula abanye abantu besifazane. Kuzokhunjulwa ukuthi uDJ Zinhle useyingqungqulu eshaya amaphiko kwabesifazane abasemkhakheni wokuklwebha amapuleti ezindaweni zobumnandi.
Lesi sicoco uqale ukusiqhoqhobala kwiDJane Top African Female DJs kusukela ngo-2018. Uyena oqengqeleza phambili ohlwini lwabesifazane abangu-100 abangoDJ e-Afrika. Ngaphandle kokuthi ungumuntu wesibili wesifazane, emuva kukaDJ Cndo, ukungena kulo mkhakha kodwa ubuye wavelela ngokusungula isikole sokudijeya i-Fuse Academy, avumbulule inqwaba yekhono. Ubuye wabamba iqhaza ezinhlelweni zethelevishini ezinjengeJika Majika, Idols SA neTurn It On. Ubuye abe ngusomabhizinisi onezinkampani ezidale amathuba emisebenzi njengeHair Majesty ne-Era by DJ Zinhle.
U-DJ Zinhle uklonyeliswe ngendondo kuma-2025 WomenCan Awards
Image: FACEBOOK
U-DJ Zinhle ukhale wemuka nomklomelo kuma-2025 WomenCan Awards
Image: FACEBOOK