Izindaba

Isikhalazo ngothishanhloko 'okhipha' othisha emathoyilethi

Nkosikhona Cele|Published

ISIKOLE saseNquthu iSicelimfundo okunemibiko yokuthi othisha bakhona bahlukunyezwa nguthishanhloko

Image: SITHUNYELWE

BAVUTHA bengabaselwe othisha besikole saseNhlabamkhosi, eNquthu, iSicelimfundo Combined abakhala ngokuhlukunyezwa uthishanhloko wesikole abathi ubalanda ezindlini ezincane athi mabayeke ukuvilapha aphinde abanqabele ukuba baphendule izingcingo uma sebengene emagcekeni esikole.

Othisha abakhulume neSolezwe bekhala ezimathonsi, bacela nokuthi amagama abo angalinge avezwe ephepheni ngoba kungaphela ngabo, bathe bahlezi lubhojozi kulesi sikole.

Batshele Isolezwe ukuthi bafa olwembiza ngokushiya kukathishanhloko omdala kwase kungena omusha. Bathe abakaze bakubone okunjena selokhu bazalwa.

"Ikhona inkinga ekhona ngalo muntu, kukhona okungahambi kahle. Lo muntu uvele athumele ingane athi ayingqongqoze endlini encane ikhiphe uthisha. Noma ngabe uphethwe yisisu akanandaba ufuna ungayi endlini encane,'' usho kanjena omunye wabo.

Eqhuba, uthe okwezingcingo-ke sebeze bakujwayela ukuthi kabavumelekile nje ukuthi bazithinte nangephutha.

"Noma ngabe kunesimo esiphuthumayo ekhaya uyabona bakushayela ucingo umane ulubuke nje ngoba uma engangena akubone ukhuluma nocingo ususenkingeni, angakuxosha nasemsebenzini. Ibuhlungu nansi impilo esiyiphiliswa umuntu ongenandaba nesithunzi sothisha,'' echaza.

Omunye uthisha ukhale kakhulu ngezinhlamba athe zihlezi zindiza phezulu selokhu kwangena lo thishanhloko kwesokuhola isikole.

"Ngimdala ngimngaka angikaze ngiyibone into enjengalena. Siphila njengezingane ezincane, sihlezi sithuka ubala ngenxa yomuntu onesibindi sokuhlukumeza abantu abadala," usho kanjena.

Omunye uthisha ukhale nangokuthi izingane ezindala ezisafunda lo mphathi uzigcona ngalokho, athi kungani zisesesikoleni ekubeni zindala?

"Okubuhlungu kukhona amagama asejwayele ukuwasho ezinganeni zamantombazane esezikhulile. azibuze ukuthi zifunani esikoleni ekubeni sezithombile?" usho kanjena.

Omunye umzali utshele Isolezwe ukuthi izinto zimapeketwane ngoba uthishomkhulu akanqeni ukushaya umfundi ngempama abese kuphela kanjalo.

Isolezwe likhulume nomunye osesigungwini esilawula ukusebenza kwalesi sikole wacela ukuba angadalulwa. Uthe okwenziwa uthishanhloko kwabona kungaphezu kwabo manje.

"Asazi ngampela ukuthi isixazululo salokhu okwenzeka kulesi sikole kuyoba yini uma kunjena. Khona konakele futhi kakhulu,'' echaza.

Iphini likasihlalo wekomiti elengamele ukusebenza kwesikole, uMnuz Khanyile, lithe bayazazi izikhalazo zothisha ngothishomkhulu. Uthe kodwa nabo banqunywe izandla ngenxa yokuthi kwasona isigungu sihlukene phakathi ngalolu daba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi, akatholakalanga ngesikhathi ethintwa.

Kwenzeka lokhu nje, leli phephandaba lisanda kubika ngokuthi kume ukufunda esikoleni samabanga aphansi esiseMpendle, eHoloma Primary, othisha beduba umsebenzi ngoba bekhala ngothishanhloko abathi ufuna bacele kuye noma beya endlini encane.

Kuphele amasonto amabili kungafundwa kulesi sikole esiseNzinga, njengoba othisha bekhala ngokuphathwa ngesandla sensimbi uthishanhloko.

Nakhona othisha bakhala ngokuthi uthishanhloko uyabathuka.