Izindaba

Kufe 7 ezingozini ezine kuN2 ngoMgqibelo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ishe yangqongqa imoto nomshayeli engaphakathi ngemuva kokushayisa umuntu

Image: IPSS medical rescue

NgoMgqibelo ebusuku, ku-N2 phakathi kwe-Shaka's Rock neMandeni, i-IPSS Medical Rescue iphendule izingozi ezine ezahlukene, ezishiye abantu abayisikhombisa beshonile.

Izingozi ezintathu zibandakanya abantu abathathu abebehamba ngezinyawo, abashayiswe yemoto bafa.

Engozini yesisathathu umshayeli wemoto uhlulekile ukuyilawula ngemuva kokushayisa umuntu obehamba ngezinyawo ngase-Shakas Rock, imoto yakhe yagqamuka amalangabi, okudabukisayo umshayeli ushe washona.

Eduze kwaseMandeni, isigameko sesine sishiye abantu abathathu baphangalele.

,Abe-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support Paramedics bafike kule ndawo bathola ababili abalimele noyedwa eyesithathu ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela. Umgibeli wesithathu uthole ukulimala kanzima. Zonke iziguli zithuthelwe ezikhungweni ezehlukene ukuze zithole ukunakekelwa okwengeziwe.