Izindaba

Basolwa ngokuthwala abazukulu 'ababulale ugogo wabo'

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKK Sarah Grace Mnguni

Image: SITHUNYELWE

KUSOLAKALA ukuthi bebehlela ukuthwala ngomndeni wabo wonke abazukulu abakhonjwa ngokubulala uninakhulu esigamekweni esenzeke, eMlaba Village, eHammarsdale, eThekwini, ngeledlule. 

Lokhu kuvezwe yindodana kamufi, uMnuz Bheki Nyoka, othe bayasola ukuthi laba bebedlala inyanga ethize ebibathembisa ingcebo noma bebejoyine izinhlangano ezihambisana nemisebenzi kaSathane njengoba kukhona izincwadi abangaziqondi abazithole endlini abakade belala kuyo.

Isidumbu sikaNkk Sarah Grace Mnguni (78) sitholwe sidindilizile egumbini lakhe lokulala ngoLwesibili, lwesonto eledlule. 

Kulesi sigameko kusolwa umzukulu (16) wakhe ofunda uGrade 12 ePhezulu High nomzukulwana (12) ofunda uGrade 7 eSinenzuzo Primary. 

Kusolwa ukuthi bambulala ngokumcindezela ubuso ngendwangu ematiswe ngotinasi ebusuku ngoMsombuluko. 

“Ebusuku ngoLwesibili, sithole izincwadi ebezinanyekwe esicabheni. Uma sizivula kubhalwe amagama esingawaqondi nje kodwa kukhona asho ukubulala kuwo. Siyathuthumela ukuthi ngempela lezi zingane bezihloseni kodwa esikusolayo ukuthi kukhona ezisebenza nabo ukuthi zijuqe amalungu emindeni, ubuSathane bonke lobu. Okunye esikubonayo ukuthi lezi zingane bezihlele ukuthwala ngenxa yokuthi bezinesibalo sabantu ezifuna ukubabulala abangamalungu omndeni wazo,” kusho uNyoka.

Uthe abakufunayo manje ukuthi kubuye imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu bese kuboshwa abasolwa yize kuthiwa basebancane.

“Njengomndeni sibafuna ejele laba. Omunye umakhelwane usitshela ukuthi lezi zingane bezingalali ebusuku zenza izinto ezingaqondakali lapha egcekeni. Okunye, ubaba wazo washona ngokudutshulwa, bayasho omakhelwane ukuthi lona omdala ubehlala eya la kwashonela khona uyise afike ame isikhathi eside, bengazi ukuthi wenzani nesisola ukuthi kungenzeka wayeseqale le mikhuba, nokungenzeka baba nesandla ekudluleni kwakhe ngale ndlela,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi konke lokhu abakutholile bazokugcina kodwa bayabheka ukuthi wobani akade besebenzisana nabenzi bokubi.

Bathe abazifuni lezi zingane ukuba zibuye ekhaya ezigile lo mkhuba.

UNyoka uke wadalula ukuthi lo omdala ufike uLwesihlanu, emva kokudedelwa amaphoyisa watshela ebebekhona egcekeni ukuthi "sekufike amabhoza". 

“Kuthiwa uqathazwe yiBMW, wathi akekho ozohlala kulo muzi, uzowubhomba (ngebhomu),” kusho uNyoka.

Ugcizelele ukuthi bakhathazekile ngokuthi kukhona abasebenzisana naye, kubona uthe bezwa ngandlebenye ukuthi kukhona uthisha wesikole omfake ekhwapheni kodwa ebe eyazi imikhuba yakhe.

Waveza ukuthi kuphutshuke iphepha elinohlu lwabantu ebebethi bazobabulala. Kulona bekuhamba phambili igama likamufi, kuze elikaNyoka, kube elikamakhelwane, namanye.

Akukaziwa ukuthi uzongcwatshwa nini umufi njengoba kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu. Uthe nedokodo elisavuliwe emaphoyiseni elokufa komuntu, athe bathemba ukuthi lizoshintsha libe elokubulala uma sekubuya imiphumela.