Isikole okufundisa kuwo uthisha otholakale nemoto yokwebiwa nesibhamu okusolakala ukuthi asikho emthethweni
Image: Facebook
Oklebe abasebenza ngaphansi kophiko lwePort Shepstone Serious Organised Crime Investigation besebenzisana neCrime Intelligence, Sydenham Trio Crime kanye namaphoyisa kaMasipala waseThekwini abophe uSiseko Ludongeni ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezimoto ezebiwe ngoLwesithathu. ULudongeni uqashwe njengothisha eDulati Combined School endaweni yaseMagqagqeni.
Amaphoyisa athole umbiko wokuthi ubeshayela imoto eyebiwe. Baqhubeke baze bayofika eduze kwesikole baqapha isimo. Amaphoyisa athe ebona leyo moto ayivimba. Kube sekuseshwa amaphoyisa athola isibhamu sohlobo lwe-9mm esinezinhlamvu. Kusatshalaliswe imininingwane yemoto kwaqinisekiswa ukuthi yebiwa eMgungundlovu ngoNovemba nyakenye.
Uboshiwe wayiswa emzini wakhe lapho kutholwe khona izingcezu zemoto yohlobo lwe-VW Polo egaraji. Iphinde yasatshalaliswa kwatholakala ukuthi yebiwa endaweni yaseBayview, ngaseChatsworth ngoDisemba 2024.
ULudongeni ubekwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezimoto ezebiwe. Isibhamu esibanjiwe sizoyiswa kohlolwa ukuze kutholakale ukuthi asikaze yini sisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu ezweni.
Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu, icala lahlehliselwa uSepthemba 22, 2025.