Izindaba

Kuthiwa uyibhoklolo owe-IFP oboshelwe elokuzama ukubulala

Sabelo Nsele|Published

IKHANSELA le-IFP, uMnuz Siphiwe Cele

Image: Sithunyelwe

I-ANC ithi liyibhoklolo elaziwayo ikhansela le-IFP kuMasipala wesiFunda iLembe, uMnuz Siphiwe Cele, eliboshelwe icala lokuzama ukubulala. 

Umgqugquzeli we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Nkosenhle Mngadi, uthe akubathusanga ukuboshwa kukaCele ngoba bayamazi ukuthi unodlame.

UCele, ophinde abe unobhala we-IFP esiFundeni iLembe, udedelwe ngebheyili ka-R1 000 eNkantolo yeMantshi KwaDukuza emva kokuchitha impelasonto esezikhindini.

UCele waboshwa ngeledlule, eboshelwa izinsolo zokuzama ukubulala emva kokuzama ukudubula uMnuz Vukani Mthembu, emva kwengxabano.

UCele usolwa nangokudubula izicabha zeminye emizi eLindelani, KwaDukuza.

UMngadi uthe bekungekhona okokuqala uCele eziphatha budlabha emphakathini.

UMngadi uthe uCele wayesho ukubaqeda ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela kuMasipala waseMandeni, ngo-Ephreli.

"Unomlando nje wokuhlukumeza abantu kanye nezimbangi zakhe kwipolitiki. Ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela wangena ngendlovu iyangena esikhungweni sokuvota, ephethe isibhamu, wafike wasabisa izimbangi zakhe. Le nto ayenzayo iphambene nemigomo yezokhetho."

UMngadi unxuse amaphoyisa ukuba aqinisekise ukuthi uCele ubhekana nengalo yomthetho.

"Siyawancoma amaphoyisa ngokusukumela phezulu, avikela abantu abangenacala. Sinxusa amaphoyisa ukuba aphenyisise lolu daba ukuze ezothola ubufakazi obuzokwenza ukuthi kugwetshwe lesi sigebengu. Sinxusa namalungu omphakathi ukuba anikeze amaphoyisa ulwazi olungalekelela ophenyweni.

"Sinxusa amaphoyisa ukuthi enze isiqiniseko sokuthi avikela ofakazi ukuze kungeke kuphazamiseke icala. Sinxusa nazo zonke izinhlaka zezobulungiswa ukuba zisebenzise leli cala ukuthumela umyalezo oqinile ezigebengwini ezihlalise lubhojozi abantu."

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange awuphendule nomyalezo awuthunyelwe.