Uphenyo ngokufa kukaSteve Biko kuzovulwa ngosuku adlula ngalo emhlabeni.
Image: Independent Media Archives
I-NPA ngoLwesihlanu, izobhalisela ukuvulwa kabusha kophenyo lokushona kwesishoshovu esasilwa nobandlululo kanye nomsunguli nomholi weBlack Consciousness Movement (BCM), uStephen Bantu Biko, owashona eminyakeni engu-48 kanye kusukela ngalolo sukeyedlule. Ukuvulwa kabusha kophenyo kulandela ukuthi uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo agunyaze isicelo soMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, esisekelwe ngabammeli bomndeni wakwaBiko.
U-Biko waboshwa nozakwabo, u-Peter Jones, kwisivimbamgwaqo ngase-Grahamstown (eMakhanda) mhla ka18 Agasti 1977. Eboshelwa ukuphula umyalelo owawumnqanda ukuba aye eKing Williamstown (Qonce). Waphuthunyiswa esiteshini samaphoyisa eWalmer, ePort Elizabeth (Gqeberha), okusolwa ukuthi wahlukunyezwa eboshwe ngamaketango emilenzeni wagcinwa enqunu esitokisini. Kuze kwaba ngemva kwezinsuku ezingu-24 esitokisini lapho afunelwa khona usizo lwezempilo ngemuva kokuthi kubonakale “igwebu” emlonyeni wakhe. Mhla zingu-11 kuSepthemba 1977, walayishwa equlekile, enqunu futhi eboshwe ngamaketango ngemuva kweLand Rover yamaphoyisa, wabe eseyiswa esibhedlela sasejele ePitoli, esiqhele ngamakhilomitha angu-1,200. Washonela ngaphandle kwesibhedlela sasePitoli ngomhlaka-12 Septhemba 1977 eneminyaka engu-30 ubudala.
Imbangela yokushona kukaBiko yaqoshwa njengokulimala kobuchopho okubangelwa ukuma kwegazi lingahambi ngendlela ne-intravascular blood coagulation, ukwehluleka kwezinso kanye ne-uremia. Uphenyo olusemthethweni lwenziwa ngoNovemba 1977. Umbiko wamaphoyisa ophiko lweSpecial Branch (SB) lwaveza ukuthi walimala ngesikhathi eshaya ngekhanda odongeni. IMantshi Enkulu ngaleso sikhathi uMJ Prins, wamukele lowo mbiko wamalungu e-SB futhi wathola ukuthi u-Biko uthole ukulimala ngesikhathi exabana namalungu eSB. Imantshi yaphinde yakhulula odokotela ababelapha uBiko esejele. Ngomhla zi-2 Febhruwari 1978, owayenguMmeli Jikelele wase-Eastern Cape ngaleso sikhathi wenqaba ukushushisa noma ngubani ngokufa kukaBiko.
Inhloso enkulu yokuvula kabusha uphenyo wukubeka phambi kwenkantolo ubufakazi obuzokwenza ukuthi inkantolo ikwazi ukuthola isinqumo ngokwesigaba 16(2) (d) soMthetho wama-Inquests Act 58 ka-1959, mayelana nokuthi ngabe ukufa kwalethwa isenzo esithile, okugodlwa noma ukweqiwa kolwazi okungenziwa yinoma yimuphi umuntu. I-NPA kanye nabalingani bayo bazoqhubeka nemizamo yabo yokubhekana nonya lwesikhathi esidlule futhi basize umndeni wakwaBiko nomphakathi wonkana ukwazi ukubala leli khasi.