Izindaba

Kunxuswa abathengi ukuba babuyise iMitchum

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uhlobo lomkhiqizo okuyalelwe abathengi ukuba bawubuyise

Image: Screenshot

Izikhalazo esivela kubathengi emazweni amathathu ziphoqe inkampani enkulu ekhiqiza isiqedaphunga ukuba iphumele obala ngenkinga.

IMitchum ikhiphe isitatimende esisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ukuba kubuyiswe inqwaba yemikhiqizo yayo yesiqedaphunga eNingizimu Afrika, e-UK, nase-Ireland kulandela izikhalazo zabathengi ngokuluma kwesikhumba ngemuva kokugcoba. Le nkampani ithe lolu daba luxhumene nemikhiqizo yayo ka-100ml yamahora angu-48, ngemuva kokuthi amanye amakhasimende akhononde ngendlela ebaphatha ngayo.

"Abanye abathengi basitshele ukuthi bake baba nenkinga yokuluma kwesikhumbq isikhashana ngemuva kokusebenzisa imikhiqizo akhethiwe e-Mitchum yamahora angu-48 engama-100ml roll-on, athengiswa e-UK, Ireland, naseNingizimu Afrika. Siyaxolisa kulabo abathintekile kanye nesikhathi esisithathile ukuze kuphothulwe uphenyo," kusho uMitchum esitatimendeni.

Le nkampani ithe nakuba ifomula ngokwayo ingashintshile, ukuguqulwa kwenqubo yokusebenza ekukhiqizeni lama-roll on, yikona okudale inkinga.

"Lolo shintsho aluzange luhlangabezane nezinga lethu elifanele. Sibuyele enqubweni yokuqala ukuze siqiniseke ukuthi imikhiqizo yamanje neyesikhathi esizayo isezingeni eliphakeme olilindele kithi," kusho inkampani.

Isitatimende sakwaMitchum sokuba kubuyiswe isiqedaphunga esinenkinga.

Image: X

Uhlu lwemikhiqizo yeMitchum

Image: X