Agwetshiwe amaChina alahlwe uhide lwamacala okuqasha abantu abakuleli ngokungemthetho
Image: X
Inkantolo eNkulu yaseGoli igwebe abayisikhombisa baseChina kanye nenkampani yabo i-Beauty City (PTY) Ltd, iminyaka engu-20 ngamacala okubalwa kuwo okuxhaphaza abasebenzi kanye nokushushumbisa abantu.
NgoFebhuwari 25, 2025, laba bammangalelwa okunguKevin Tsao Shu-Uei, Chen Hui, Qin Li, Jiaqing Zhou, Ma Biao, Dai Junying, noZhang Zhilian bebebhekene namacala okungabhalisi abasebenzi esikhwameni sesinxephezelo; ukwehluleka ukugcina amarekhodi emali abayitholayo; ukwehluleka ukuhambisa imbuyiselo yabo kumholo; ukwehluleka ukukhokha kanye nokumemezela izilinganiso; ukwehluleka ukugcina indawo yokusebenza iphephile; ukwehluleka ukubika ngokulimala kwabasebenzi; ukwehluleka ukubhalisa abasebenzi kukhomishana wesikhwama somshwalense sabangasebenzi; ukwehluleka ukwazisa ukhomishana mayelana nezinguquko zomshwalense Wokungasebenzi; icala lokushushumbisa abantu; ukusiza ukushushumbiswa kwabantu; ubugqila; ukuzuza ngokugqilazwa kwabantu abashushumbisiwe; ukusiza abokufika ukuthi bahlale kuleli ngokungemthetho.