INGXENYE yezintombi nto ebezihambele umkhuleko wazo e-Albert Park, eThekwini
Image: SITHUNYELWE
U-BRIGHTON Shandu ekhanyisa amakhandlela enkonzweni yezintombi e-Albert Park, eThekwini
Image: SITHUNYELWE
UKWANDA kwezigameko zokudlwengulwa kwezintombi nto kugqugquzele ozakwabo ukuba babe nesiguqo ngaphambi kokuya emkhosini obizwa ngeSibuyisa Isintu Ingoma Festival endaweni yaseMacimbini, eMandeni, ngoSepthemba 18-20.
Lezi zintombi bezihlangene etendeni ebeligxunyekwe e-Albert Park, eThekwini, ngempelasonto. Umgqugquzeli walo mkhuleko wezibani, uBrighton Shandu, uthe kube nomunyu omkhulu sekukhunjulwa izintombi nto eziphucwe ubuntombi bazo ngaphandle kwemvumo yazo futhi ngendluzula.
Kuzokhunjulwa ukuthi kunenqwaba yothisha nabaholi bomdabu abagqigqa ezinkantolo ngokudlwengula amantomazane aneminyaka ebalelwa ku-15. Kubasolwa kukhona nenkosi yesizwe sakwaBhidla okuthiwa yadlwengula intombi eneminyaka ewu-18 ngo-Meyi 4, nothishanhloko wesikole saseLimpopo oneminyaka ewu-51 onukwa ngokudlwengula umfundi wesifazane ono-17 ngo-Agasti 16, kulo nyaka.
UBrighton uthe kubuye kwakhunjulwa nezintombi ezidlule emhlabeni ngenxa yezinhlekelele zezingozi ebezenzeka sezibuya eMkhosini woMhlanga eNyokeni.
"Izintombi zithole ithuba lokugonyuluka ngobuhlungu ezibuzwayo. Yingakho zikujabulele ukuhambela le khempu yezibani ngenxa yokuthi zithole ithuba lokukhipha bonke ubuhlungu obusesifubeni futhi zakwazi nokuzithandazela."
Uthe ziningi izintombi ezifela ngaphakathi ngoba zesaba ukubika ngosizi lwazo. Le khempu beyihanjelwe ngabaculi abadumile abenjengoJumbo, Gadla, Skhenqe nabanye. Lezi zintombi zilungiselela umgubho weminyaka emihlanu kwasungulwa iSibuyisa Isintu Ingoma Festival eMandeni, lapho kuzobe kunandisa khona oKhuzani, Ntencane, Jumbo, Shenge WaseHlalankosi, Mxhashazwa, Q Twins nabanye.