INKOSI Simphiwe Erick Zuma noMnuz Thembelani Mbatha ababoshelwe icala lokubulala
Image: Sabelo Nsele
KUSE ngokunye ngesikhathi inkosi ebhekene namacala okubulala yethweswa elinye icala lokubulala.
Usizi belubhalwe emehlweni eNkosini uSimphiwe Erick Zuma, ngesikhathi yethweswa icala lesithathu lokubulala.
UZuma obhekene necala lokubulala owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, nelokubulala owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma, wethweswe icala lokusoconga okuthiwa wayephikisana nokudayiswa komhlaba kamasipala, uMnuz Xolani Ntombela-Ndlovu.
UNtombela-Ndlovu wabulawa ngo-2022 eMasosheni, eMpophomeni.
UZuma wethweswe icala lokubulala uNtombela-Ndlovu eNkantolo yeMantshi eHowick, izolo.
Uboshwe noMnuz Thembelani Mbatha. UMbuso uhlela ukubopha omunye umsolwa wesithathu.
Umsolwa wesithathu uboshwe kanye noZuma kwelinye lalamacala awahambayo.
UMshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Lawrence Gcaba, uthe umsolwa wesithathu uzoboshwa maduze.
"Uphenyo lwethu luku-95% manje. Sihlele ukuthi umsolwa wesithathu avele enkantolo ngoLwesihlanu."
Icala libe selihlehliselwa uMsombuluko lapho kuzohlelwa izinsuku zokulalelwa kwesicelo sebheyili.
UZuma ube eseqhubeka nokufaka isicelo sebheyili ecaleni lokubulala uNdlovu.
Kuleli cala uZuma uboshwe noMnuz Thobani Hlongwa, Khayelihle Shabalala noThabo Chonco.
UMnuz Zwelithini Buthelezi yena usephenduke ufakazi woMbuso.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Sthembiso "Sticks" Mdladla, uchithe izinsolo zokuthi uZuma wakha itulo lokusoconga uNdlovu.
"Asikho isizathu esasingangenza ukuba ngakhe itulo lokusoconga isihlobo sami."
UMdladla uthe uZuma akabazi abasolwa aboshwe nabo, wathi wazi uButhelezi kuphela oyinduna esizweni sakhe.
"Into nje esasiyikhuluma noButhelezi yizindaba ezithinta umkhandlu wesizwe. Wayephinde aqaphe ukusebenza kwamatekisi ami amathathu."
Encwadini efungelwe, uZuma usole uButhelezi ngokungcolisa igama lakhe, wathi ufuna babhekane enkantolo khona ezomembula izinqe.
"Usho noma yini ngami ngoba nakhu efuna ukuba angaboshwa. Uvele usezuzile njengoba esehoxisiwe amacala abethweswe wona. Anginandaba nazo zonke lezi zinto azishoyo. Ngifuna ukuthi sihlangane lapha enkantolo khona ezophinda la manga akhe. Kuzovela obala ukuthi uqamba amanga. Kuyishwa ukuthi uMbuso uthembele ebufakazini bukaButhelezi, ongumuntu ongathembekile."
UZuma uchithe izinsolo zokuthi wagwazela imantshi ngo-R200 000 ukuze imdedele ngebheyili ecaleni lokubulala uQalokunye.
UMbuso wenza izinsolo zokuthi imali yokugwazela imantshi yakhokhwa yilungu le-MK esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, uMnuz Thobani Zuma.
"Inhloso nje yale nto wukungcolisa igama lelungu lesiShayamthetho."
Ukuphikile nokuthi wazama ukuthuma uButhelezi ukuba adlise ufakazi ecaleni elibhekene nomuntu osondelene naye noMnuz Khulubuse Zuma.
"Ngangixoxaphi noKhulubuse? Ngazi ukuthi uKhulubuse useDubai. Okunye engikwaziyo wukuthi alikho icala elibhekene noKhulubuse." UZuma uthe uhlela ukuvula icala lokwehliswa isithunzi.
Ukhale nangokufinyiswa igazi ngamakhala wumphenyi wecala ngesikhathi kupeqululwa ejele.
UZuma uthe umphenyi wecala wamshaya waphuma igazi emakhaleni ngesikhathi kupeqululwa ejele.
Ngaleli langa uZuma watholakala neselula.
Icala lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko lapho abameli noMbuso bezokwenza izethulo zokugcina.
Related Topics: