Izindaba

Inkosi yakwaZuma nolunye utalatiya kuvuka icala elisha

Nonkululeko Nhlapo|Published

Inkosi u-Erick Zuma ubuyela enkantolo ngecala elisha lokubulala

Image: X

Ziyanga izinkinga zenkosi yakwaZuma ebhekene nenqwaba yamacala njengoba sekuvela elinye icala lokubulala.

Lokhu kulandela ukuthi abaseshi bePolitical Killings Task Team baxazulule icala lokubulawa kukaXolani Ndlovu-Ntombela owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe eMpophomeni ngoNovemba 2022.

Isizathu sokubulawa kwakhe sihlobene nokudayiswa komhlaba ngokungemthetho endaweni yaseMasosheni.

Abasolwa, abaneminyaka engu-55 no-23 ubudala, bavele basezikhindini baboshelwe amanye amacala. U-Erick Zuma umatasa nezinhlelo zokufaka isicelo sebheyili kanti omunye asolwa naye usalinde kuqale ukuqulwa kwelinye icala lokubulala.

Abasolwa babekwe amacala okubulala, ukwakha itulo lokubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Leli cala lingelinye lamadokodo angu-121 asanda kubuyiselwa ophikweni lwePolitical Killings Task Team KwaZulu-Natal.

Abasolwa ababili bazovela eNkantolo yeMantshi yaseHowick namuhla, ngalo leli cala.