Izindaba

I-NIU 'imcaphune' ehhostela osolwa ngokubulala uthishanhloko eMsinga

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uvinjezelwe ehhostela eMapetla osolwa ngokubulala uthishanhloko eMsinga ngo2020

Image: X

Uphiko lwamaphoyisa iSouth African Police Service (SAPS) National Intervention Unit (NIU) luthungathe umsolwa obefunwa uthuli omataniswa necala lokubulala uthishanhloko ongasekho uMnuz Zwelabantu Zuma owadutshulwa wabulawa ehhovisi lakhe esikoleni eMsinga, ngo-2020.

Umsolwa, 40, ubefunelwa amanye amacala eKZN okubalwa awokuduna izimoto kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Uke waboshwa phambilini kodwa icala lahoxiswa enkantolo.

Umphenyi waqhubeka nomsebenzi, wethula ubufakazi obusha phambi kwenkantolo kwase kukhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwe-J50 yomsolwa.

NgeSonto ntambama, amalungu e-NIU alandele umkhondo kamsolwa owaholele ehostela eMapetla, eSoweto. Kuthiwa umsolwa uthe ebona ukuthi kukhona amaphoyisa, waqala ukudubula, abe-NIU baphindisela ngenhlamvu, washona.