ABANYE babazali ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ngeledlule, esikoleni iNembe Primary
Image: SITHUNYELWE
BATHI abasamfuni esikoleni uthishanhloko, abazali bezingane ezifunda eNembe Primary, KwaDendethu, eMandeni.
Lesi sikhalo sabazali siqubuke ngenuva kokuvela kwezinsolo zokuthi uthishomkhulu ebambisene nosihlalo wesigungu esilawula ukuphathwa kwesikole, i-School Governing Body (SGB), benukwa ngokuthi bafuna ngodli imali engu-R1 500 kwabathathu abaqashwe njengabasizi bothisha ababizwa ngama-Education Assistants (EA).
Kuthiwa ama-EA okufunwa kuwo le mali ngaqashwe ngesikhathi kuqala isigaba sesithathu sonyaka ngoJulayi, kulo nyaka.
Ngokusho komunye okulesi sigungu, uMnuz Sipho Makhoba, bathole ngezinsolo ngasekupheleni kukaJulayi.
“Kuthiwa bathi bayifeyila inhlolokhono, bona base bebenzela ufefe ngokubaqasha ngakho-ke kuzofanele bakhokhe u-R1 500 umuntu ngamunye emiholweni yabo njalo ngenyanga. Babe sebeza kimina ukuzobika lokhu ngoba nami ngikhona kwi-SGB,” kusho uMakhoba.
Uthe badonswa ngendlebe ukuthi bangayifaki ebhange kodwa bayilethe ngemvilophu kuthishanhloko ozobe eseyedlulisela kusihlalo, yena ayidlulisele endaweni efanele.
“Kuthiwa uthishanhloko wathi izosiza ukuholela umabhalane wesikole, uthisha ofundisa uGrade RR nowesifazane ohlanza amathoyilethi. Ngokusho kwakhe kuma-EA, bonke laba bantu abaholi yikho yena nosihlalo befinyelele kulesi sinqumo,” kusho uMakhoba.
Uthe bathe uma sebezenzela olwabo uphenyo bathola ukuthi laba obekuthiwa bakolekelwa le mali, abakaze batshelwe lutho ngayo.
Uthe abazali abasamdingi esikoleni uthishanhloko.
“Uxhaphaza izingane zendawo ezizama amatoho kulolu hlelo lwama-EA. Naye usihlalo akasafuneki ngoba usebenzisana nothishanhloko ukwenza izinto ezingafanele, ecindezela intsha eqashwe ngalolu hlelo. Akakhombisi ukuba yizwi labazali,” kusho uMakhoba.
Uqhube wathi wonke umphakathi uyiqaphe ngeso lokhozi eyokuphepha kwala ma-EA aveze ngalo mkhuba, wathi emva kwemashi ababe nayo ngoLwesine, bebekubeke kwacaca ukuthi uthishanhloko bafuna amiswe ngokushesha njengoba kuqhubeka uphenyo ngezinsolo.
Wengeze ngokuthi banovalo lokuthi ukuba khona kwakhe esikoleni kuzophazamisa upheyo.
Uthe ohlwini lwabo lwezikhalazo bebethe bafuna kushaye uSepthemba 5, kulo nyaka, sebephenduliwe.
Ucingo lukathishanhloko aluzange lungene ngesikhathi eshayelwa.
Usihlalo weSGB, uMnuz Khanyisani Jiyane, uvumile ukuthi zikhona izinsolo ezifuze lezi, eziphenywa wuMnyango wezeMfundo ezingeni lesekethe nesifunda.
“Nakuba ngingasavumelekile ukuthi ngande kabanzi ngalolu daba ngoba seluvele luyaphenywa, ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ayikho into yokuthi kugwaziswa intsha,” kusho uJiyane.
La ma-EA kulindeleke ukuthi asebenze kuze kube sekupheleni kukaNovemba, kulo nyaka, njengoba inkontileka yawo ingeyezinyanga eziyisithupha. Abasuke beqashwa kulolu hlelo bahola u-R4 500 umuntu ngamunye.
Isolezwe liyithumele imibuzo ukuze kutholakele ukuphawula koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela ungaphawulanga ngokuthi uphenyo ngothishanhloko waseNembe lukusiphi isigaba.
Related Topics: