Izindaba

Othisha bakhala ngothishanhloko 'ofuna bacele ukuyochama'

Sabelo Nsele|Published

Kumuncu kothisha ngothishanhloko ofuna bacele nokuya endlini encane

Image: Freepik

KUME nse ukufunda esikoleni samabanga aphansi esiseMpendle, eHoloma Primary, othisha beduba umsebenzi ngoba bekhala ngothishanhloko abathi ufuna bacele kuye noma beya endlini encane.

Sekuphele amasonto amabili kungafundwa kulesi sikole esiseNzinga, njengoba othisha bekhala ngokuphathwa ngesandla sensimbi uthishanhloko.

Uthisha ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ukhale ngokuthi uthishanhloko uyabathuka.

"Usibiza ngezidomu, asitshele ukuthi asifundile. Selokhu kwafika yena nje lapha esikoleni asisakwazi ukuthula."

Uthe othisha abakwazi nokukhululeka esikoleni ngenxa yokuthi uthishomkhulu ufuna babike yonke into abayenzayo.

"Akafuni sibambe izingcingo uma sifonelwa. Kufanele uqale ucele kuyena uma ufuna ukukhuluma neselula. Uma ufuna ukuya ethoyilethi kufanele ucele kuyena. Noma ufuna ukudla ngesikhathi sokudla, kufanele ubike kuyena."

Uthisha uthe uthishomkhulu ufike washintsha nesikhathi sokuphuma kwesikole.

"Zonke izikole zalapha eMpendle ziphuma ngo-2.30. Yena ufike wengeze u-30 minutes. Okuxakayo ukuthi izingane zisuke sezihambile, thina sisale sodwa."

Izolo, bekubizwe umhlangano wabazali nenyunyana yothisha ukuzama ukuxazulula lolu daba.

Usihlalo wesigungu sabazali, uNksz Sthembisile Khumalo, uthe bavumelane ngokuthi othisha babuyele emsebenzini namhlanje.

"Okungijabulisayo ukuthi othisha bazobuya. Indlela engijabule ngayo namhlanje ngizoke ngilale ubuthongo. Ubuthongo bebungasafiki sidalo. Bengikhathazeke kakhulu njengoba izingane zethu bezingafundi nje."

UNksz Khumalo uthe othisha abazange babatshele ukuthi yini ebenze baduba ukufundisa.

Isolezwe lithole ukuthi isivumelwano sokuba othisha babuyele emsebenzini esesikhashana njengoba kunomhlangano ozokuba ngoMsombuluko, lapho kuzokhulunywa ngodaba olufanayo.

Isakhamuzi, uMnuz Njabulo Cele, sithe kuyinto eyaziwayo ukuthi uthishanhloko akezwani nothisha.

"Akafuni ukuxhumana kahle nothisha. Uyabakalela ukuthi bazokuya nini ethoyilethe. Uyabakalela ukuthi bawachofa nini amafoni abo. Wake wahleba ngabanye bothisha, wathi abakwazi ukufundisa."

UCele uthe bafuna kuhlakazwe isigungu sabazali bese kuphinde kuxoshwa nothishomkhulu.

"Asazi ukuthi sakhethwa kanjani isigungu sabazali esikhona. Sicela nokuthi uthishanhloko asuke esikoleni. Ufike ngonyaka owedlule kodwa usefike wadala izinkinga ezenza ukuthi kungasebenzeki kahle. Ayikaze yenzeke le nto ko-principal ababili abadlule."

IKhansela, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe izinkinga ezikhona esikoleni zijule kakhulu.

"Nabahloli bashilo ukuthi izinkinga zinkulu kakhulu, bangasichazela zonke. Emhlanganweni wanamhlanje (esho izolo) uthishomkhulu ubengekho. Lokhu kukutshela ukuthi azikapheli izinkinga."

UNgubane ukhale ngokungabambisana phakathi kukathishomkhulu, othisha nesigungu sabazali.

"Ngiyazi ukuthi uthishomkhulu uyafika. Uma kukhona izinto afuna ukuzishintsha kufanele aqaphele ukuthi akunyatheleki amalungelo abanye. Thina into esiyifunayo ukuthi izingane zibe sesikoleni. Kufanele izinkinga zilungiseke zisencane ngoba uma sezinkulu azibe zisalungiseka kalula. Kugcina sekuphazamiseka nezingane."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, akazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.