Izindaba

OwaseXobho ufuna zibuyele amasisweni ngamakhambi esintu

Nkosikhona Cele|Published

UMNUZ Siya Miya ozoba nemizungezo yokukhuthaza ukusetshenziswa kwamakhambi esintu

Image: SITHUNYELWE

UFUNA zibuyele emasisweni kukhunjuzwe abantu abaMnyama ngokubaluleka kwamakhambi esintu umelaphi wendabuko waseXobho, uMnuz Siyanda Miya odume kakhulu ngelikaBrazo.

UMiya ukusho lokhu ngesikhathi ethula ngokusemthethweni umkhankaso wakhe wokuzungeza izingxenye ezahlukene KwaZulu Natal ngenhloso yokukhuthaza ukusetshenziswa kwalawa makhambi.

Uveze ukuthi le mizungezo uyethe ngokuthi  "Mazibuyele emasisweni." Le mizinguzo uthi ukhethe ukuthi ayiqondanise noSephtemba okuyinyanga yamagugu.

UMiya wenkampani yamakhambi esintu iTrunquil Herbs uthi ukholwa ukuthi abantu sebeqhelile ekusebenziseni amakhambi esintu.Lokhu uthi kugcina kunomthelela ongemuhle njengoba ethi nasemandulo amakhambi esintu ayeyigugu kwabadala ababedla anhlamvana ngaleso sikhathi.

''Kuyangikhathaza kakhulu ukubona lehla izinga labantu abakholelwa ekusetshenzisweni kwamakhambi esintu. Uma lokhu sithula sikuvumela ngikholwa ukuthi kuzigcina kudala umonakalo omkhulu esizukulwaneni sethu esilandelayo,'' usho kanjena.

Inhlosongqangi yale mizungezo uthe ukukhumbuza abantu abamnyama ukuthi kumqoka ukuba kwenziwe lokhu okwabe kwenziwa ngabadala.''Akumele sihlamuke kulokhu abadala ababekade besifundise khona,'' usho kanje.

Ugcizelele ukuthi amakhambi esintu aklama indima enkulu ekulashweni kwezifo ezahlukene nalezo okubonakala zidla fumuka zidla siluza.Ngokusho kukaMiya ukulaxazwa kwamakhambi esintu kucishe kufane nje nokulaxazwa kwesintu.

UMiya usezakhele igama nasezinkundleni zokuxhumana ngamakhambi akhe. Kule mizungezo uthe bazophinde bakhuthaze abantu ngemvelaphi yabantu abamnyama.Uveze ukuthi kukhona nosaziwayo azobe ehambisana nabo kule mikhankaso. Okwamanje uthe izoba KwaZulu Natal kuphela.

Uthe abafisa ukumjoyina kulo mzungezo bangaxhumana naye kule nombolo ethi : 073 454 1149.