Umfundi UMFUNDI owabulawa uMmeli Ngcobo
Image: SITHUNYELWE
UVUKWE wumunyu ugogo womfundi owabulawa esolwa ngokweba iselula ngesikhathi etshela inkantolo ukuthi uyamfuna umzukulu wakhe kumele owagcina ukubonakala naye asho ukuthi wamenzani.
UNkk Ntombi Tholani Chamane (67) ubethula ubufakazi bakhe eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho okuqhubeka khona icala lokubulawa komzukulu wakhe, uMmeli Ngcobo (16).
Umufi owayefunda uaGrade 12 eHillgrove Secondary eNewlands East kuvela ukuthi ngo-Agasti 21, 2021 kwafika imoto iMercedes Benz empunga yamthumba ngenxa yokuthi wayesolakala ekulahlekeni kweselula yomunye wabafundi.
Lelo kwaba yilanga agcinwa ngalo ukubonakala edla anhlamvana umufi. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwatholakala isidumbu sakhe KwaMkhizwane, ngaseCato Ridge, sishisiwe. Ngemuva kwalokho bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oMnuz Asanda Nyawuza (23), Andile Myeni (19), Thuthukazi Nyawuza (37) noMnuz Butte Nyamakazi (47).
UMyeni, Nyawuza noNyamakazi bathweswe wuMbuso amacala okusabisa, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthumba nokubulala, bese kuthi u-Asanda abhekane nelokushaya kuphela.
Uninakhulu kamufi ethula ubufakazi uthe umufi wayehlala naye eNewlands East ngesikhathi kuvela umshophi. Uthe ngokujwayelekile abangani bakhe babeye bafike bezolanda umufi ekuseni uma kuyiwa esikoleni.
Uthe ngosuku lwesigameko abangani bakamufi bafika bazomtshela ukuthi kukhona abathile abathathe uMmeli.
"Bafika bangitshela ukuthi kukhona abathile abamthathile uMmeli. Baqhubeka bangitshela ukuthi ufakwe ngenkani emotweni kwahanjwa naye,' kuchaza yena.
Uthe baqhubeka bamtshela ukuthi kukhona omunye umfundi obesola uMmeli ngokulahleka kweselula yakhe.
"Abantwana bangibuza ukuthi uMmeli akazange yini angitshele ukuthi usolwa ngokuthi wenzeni? Ngabaphendula ngabatshela ukuthi akukho uMmeli angitshele khona mayelana nokuduka kweselula esikoleni,'' usho kanjena.
Uthe wabe esecela abangani bakaMmeli ukuba bamkhaphe kuyovulwa icala esiteshini samaphoyisa esiseNewlands East.
"Lo owagcina ukubonakala nomzukulu wami kumele asho ukuthi wamshonisaphi, ngiyamfuna umzukulu wami,'' usho kanjena ekade ebuzwa omele abasolwa ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi namanje abakamfihli umufi.
Ngesikhathi elokhu ebuzwa wuMbuso imibuzo uNkk Chamane ubebonakala enomunyu futhi abuye akhombise ukudideka. Omele uMbuso, uK. Singh, uze watshela inkantolo ukuthi abakwazi ukuthi bamgcine isikhathi eside efakaza.
UNkk Chamane ubefakaza ehlezi phansi eshuqule iduku elimnyama elokhu emgqolozela ebusweni obemtolikela. Uphume edondolozela ngenduku ngesikhathi inkantolo isithi iyamkhulula useqedile ukufakaza.
NgoMsombuluko kufakaze uSlindokuhle Ngcobo ongomunye wabafundi ababekhona ngesikhathi uMmeli ethathwa yimoto.
Ugeqe amagula ngakho konke akubona kwenzeka ngosuku lwesigameko. Ngokwamaphepha asenkantolo umufi wayesolwa ngokweba iselula kaXolani Nyawuza, oyindodana kaNyamakazi.
UMbuso uzoqhubeka ubize abanye ofakazi okubalwa kubo nothisha ababekhona ngosuku lwesigameko. Icala liyaqhubeka.
Related Topics: