Udokotela Zweli Mkhize
Image: Nqobile Mbonambi African News Agency (ANA)
Uphiko oluphenya amacala ayisipesheli (iSIU) luthi ubufakazi obusha obuvelayo mayelana nenkohlakalo yeDigital Vibes buthinta amalungu omndeni walowo owayengungqongqoshe wezempilo udokotela uZweli Mkhize.
Abaphenyi bathi banikezwe imvume yiSpecial Tribunal yokudlulisela ulwazi abalutholile enkantolo.
Uphenyo lwango-2021 lwathola ukuthi ithenda yezokuxhumana ye-COVID ka-R150 million nesikhungo sezokukhangisa esizinze eKZN yayingekho emthethweni.
I-SIU isola ukuthi unkosikazi kaMkhize, indodana, kanye nozakwabo kwezamabhizinisi bahlomula emalini eyenzelwe izinkontileka zokuxhumana nge-COVID kanye neNational Health Insurance.
Okhulumela i-SIU uKaizer Kganyago uthe ubufakazi bubalulekile ukuze kudalulwe indlela ezadliwa ngayo izimali ngamabhizinisi mbumbulu.
"Sibone kubalulekile ukuthi sengeze lolu lwazi olubalulekile njengengxenye yalolu daba esigungwini. Abamangalelwa nabo bebefake isicelo esigungwini sokuthi lumiswe lolu daba. Isizathu sabo kube wukuthi kunodaba oluseNkantolo eNkulu olufakwe nguDkt Mkhize, lapho ezama ukuchitha umbiko wethu kumengameli. Ngakho-ke bathi ngenxa yalokho, asingaqhubeki nalolu."
Yize ezinye izinkampani ezithintekayo zizibuyisele ngokuzithandela ingxenye yezimali, iSpecial Tribunal igcizelele ukuthi ukukhokha akukhululi isikweletu ngaphansi koMthetho Wokuvimbela Ubugebengu Obuhleliwe (i-POCA).
Yize ibuyile ingxenye yemali kodwa lokho akusho ukuthi sekuphelile ngecala, lisangaqhubeka ngokushushiswa ngaphansi kwemithetho elwa nenkohlakalo.
Inkantolo ayikasikhiphi isinqumo mayelana nokwamukelwa ngokusemthethweni kwe-afidavithi entsha, kodwa kulindeleke ukuthi kukhishwe isinqumo ngokushesha.
Icala elikhulu liyaqhubeka nokuvela phambi kwe-Special Tribunal.