UNGQONGQOSHE wezeSayensi uDkt Blade Nzimande noMphathi weNyuvesi yaseZululand, oNgoye uSolwazi Xoliswa Mtose, bevula ibhilidi eliqanjwe ngoNzimande
Image: Sithunyelwe
UHLONISHWE yiNyuvesi yaseZululand, oNgoye ngokuqanjwa kwelinye lamabhilidi ngaye uNgqongqoshe wezeSayensi uDkt Blade Nzimande.
UNzimande uhlonishwe yinyuvesi emcimbini wakamuva ngokuqamba ngaye ibhilidi lezobuNjiniyela kule nyuvesi ukumhlonipha ngeqhaza lakhe kwezemfundo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNzimande uke waba nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme isikhathi eside.
"Angikaze ngisho ngiphupha njengomfana waKwaDambuza ukuthi kungaba nebhilidi elingaqanjwa ngami enyuvesi. Ngithobekile ngokwenziwe yinyuvesi ukungihlonipha," kusho uNzimande.
Kuphinde kwavulwa namanye amabhilidi amabili aqanjwe ngowayengumengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela. Elinye liqanjwe ngowayenguSihlalo wesigungu esilawula inyuvesi uMnuz Vuyani Gamede. Emabhilidini avuliwe kukhona nendawo yokuhlala izitshudeni.
UNzimande uthe ingqalasizinda evuliwe kumele igqugquzele izitshudeni ukuthi zizimisele.
"Ngesikhathi sobandlululo, abamnyama babengavunyelwe ukuthi benze umkhakha wezobunjiniyela. Kumele siyitshele intsha ngalo mlando ukuze yazi ukuthi eminye imikhakha esikwazi ukuyenza ngokukhululeka, kwakunzima kanjani ukuyenza phambilini."
Uthe kubalulekile ukuthi kube nomkhakha wezobunjiniyela kulesi sikhungo ngoba siseduzane kweRichards Bay, enezinto eziningi eziyiswa kwamanye amazwe.
Unxuse izitshudeni ukuthi ziyinakekele ingqalasizinda eziyakhelwe.
"Siyanxusa ukuthi ningayicekeli phansi ingqalasizinda ngoba izosiza izizukulwane ezizayo. Kumele niqinisekise ukuthi iyanakelelwa. Abafundi basemazingeni aphansi naphezulu sebezokwazi ukuthola ulwazi kule ngqalasizinda ekule nyuvesi," kusho uNzimande.
Uhulumeni uhlale uhlaba ikhwelo ezitshudenini wathi akungathi uma zinezikhalo zifuna izinto ezithile, bese zicekela phansi ingqalasizinda okungaba yizindawo zokuhlala, ama-lab kanjalo nezinye ngoba ngomuso zizozidinga.
Related Topics: