Izindaba

Zinoju kubashayeli kwehla 'ugazolo'

Nonkululeko Nhlapo|Published

Zinoju kubashayeli kwehla uphethiloli

Image: Jacques Naude / Independent Media

KUTHI hu kubashayeli baseNingizimu Afrika ngesimemezelo sokuthi amanani kaphethiloli nodizili azokwehla ngoLwesithathu.

UMnyango Wezezimbiwa Namandla (i-DMRE) ukhiphe isitatimende esithi uphethiloli we-93 kanye ne-95-octane uzokwehla ngo-4 cents ilitha.

Intengo kadizili izokwehla ngo-0.05%.

Udizili (0.05% sulphur) wehla ngamasenti angamashumi amahlanu nesithupha ilitha (56.00 c/l), bese uDizili (0.005% sulphur) wehla ngamasenti angamashumi amahlanu nesikhombisa ilitha (57.00 c/l).

UPharafini (othengiswa kwezitolo ezinkulu) uzokwehla ngamasenti angamashumi amathathu nesikhombisa ilitha (37.00 c/l).

Intengo ye-LP gas yehla ngo-R1.32 ikhilogremu ngayinye ezweni lonke, ngaphandle kwaseWestern Cape, lapho izokwehla ngo-R1.51 ikhilogremu ngayinye.