Izindaba

Bangu-9 abashone ezingozini ezimbili ezenzeke eKurhuleni

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ingozi yanamhlanje ekuseni

Image: Facebook

Abantu abathathu abesilisa ababili noyedwa wesifazane bafe ujuqu, kwathi abanye ababili balimala kabi ngemuva kokuthi imoto abebehamba ngayo ishayisa izigxobo nodonga lukakhonkolo ezimpambanweni zomgwaqo uLinton Jones noBrammer Street, eGermiston, ekuseni ngoMsombuluko.

Ithimba labezimo eziphuthumayo kumasipala eKurhuleni babizelwe kule ndawo ngo-03:09 ekuseni bathola le moto ifahlakile inabantu abahlanu phakathi. 

Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi abathathu beshonile endaweni yesigameko; owesilisa nowesifazane abasindile baphuthunyiswe esibhedlela belimele kanzima. Umgwaqo uLinton Jones uvalwe okwesikhashana ngesikhathi kusasetshenzwa. Indawo yesigameko inikezelwe emaphoyiseni kaMasipala waseKurhuleni ukuze kuphenywe ngale ngozi.

Kukhishwe izidumbu eziyisithupha kule moto etholakale intanta emfuleni eZonkizizwe.

Image: X

Le ngozi ilandela eyenzeke ngeSonto ebusuku edlule nemiphefumulo yabantu abayisithupha. Lapha imoto iphaphalaze yangena emfuleni eZonkizizwe, eKurhuleni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo kumasipala eKurhuleni, uWilliam Ntladi, uthe bathole ucingo oludabukisayo mayelana nengozi yemoto eyenzeke ku-R550.

Uthe ngesikhathi befika abezicishamlilo bathole imoto intanta emanzini ilele ngokhakhayi.

“Ngesikhathi befika abezicishamlilo bathole imoto intanta emanzini, ngesikhathi ikhishwa emfuleni kutholwe izidumbu eziyisithupha."

Uqhubeke wathi imbangela yengozi ayikaziwa.