Izindaba

Owe-DUT ohlwini lwabahlonishwe ngemiklomelo yowezesayensi

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Nomthandazo Sibiya-Dlomo emukela umklomelo ahlabane ngawo kuma-Doctoral Fellows Awards kuma-South African Women in Science Awards (SAWISA) abeseBloemfontein, eFree State ngesonto elidlule

Image: SITHUNYELWE

ISITSHUDENI esibuye sibe wumsebenzi waseDurban University of Technology (DUT) owenza izifundo zobudokotela emkhakheni we-Chemical Engineering kule nyuvesi uNkk Nomthandazo Sibiya-Dlomo, sibeke lesi sikhungo esicongweni siqokwa nabayisishiyagalombili abanqobe umklomelo we-Doctoral Fellows Awards kuma-South African Women in Science Awards (SAWISA).

Lokho kwenzeke emcimbini wokuklomelisa abadle umhlanganiso kuma-SAWISA obungesonto elidlule eBloemfontein, eFree State, lapho bekuklonyeliswa khona abantu besifazane abenza imisebenzi emihle ehlukene yokucwaninga ngezeSayensi.

Nonyaka indikimba yomcimbi ibithi Unpacking STEM Careers: Her Voice in Science, lapho bekubekwa eqhulwini ubumqoka bokuqhakambisa imikhakha yezeSayensi, ubuChwepheshe besimanje, ezobunjiniyela nezibalo okugxile abantu besifazane kuzona.

Nyakenye uNkk Sibiya-Dlomo waqokwa ukuba yi-lecturer yezifundo ze-Chemical Engineering eDUT, kanti kumanje uvele umatasa nonyaka wesithathu wezifundo zakhe zobudokotela iDoctoral of Engineering in Chemical Engineering, lapho elulekwa futhi ecijwa khona wuSolwazi Sudesh Rathill noDkt Thembisile Mahlangu.

“Lokhu engikuzuze manje kufakazela khona ukuthi noma ngabe usuka kuyiphi indawo ezweni, akukho okukuvimba ukufeza izinto ezinhle ozifisela zona empilweni yakho, engikhuthaza ngakho nabanye abantu abasha abeza emva kwami ukuqhubeka benze okuhle njengoba nami ngenzile ngalo mncintiswano engihlabane kuwona,” kusho uNkk Sibiya-Dlomo.

UNkk Sibiya-Dlomo uhlabane ngenxa yocwaningo lwakhe obelubheka ukuthi umkhiqizo womoba, ubhanana namawolintshi okukhiqizwa ngendlela efanele necolekile kusiza kanjani ukugwema ukufaka ingcindezi emvelweni.

“Lokhu kusho lukhulu kimina ikakhulu njengoba ngikhuliswe wugogo nomkhulu, ngakho into emqoka kimina nengihlale ngishisekela ukuyenza wukuguqula isimo sasekhaya, njengoba namanje ngisayibambe lapho njengoba ngisho ezifundweni zami ngihlale nginabaxhasi abathwala zonke izindleko kusukela ngiqala ukufunda kuze kuzoba yimanje, ngakho ngikhuthaza nentsha ikakhulu amantombazane ukuziphatha kahle ukuze afike ezingeni esengikulona manje nangaphezu kwalo,” kukhuthaza uNkk Sibiya-Dlomo.

Lesi sifundiswa asiqali ukuhlabana ngama-SAWISA njengoba ngo-2023 sahlabana ngendondo ye-NRF Research Excellence kuma-Next Generation Researchers ne-2024 Research Debut-Young Talents kuma-Eni Awards. 

SINQOBILE Dlamini, Philisiwe Danisa noSinegugu Caluza akade bethweswa iziqu emcimbini weNew Venture Creation Skills Development eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesine

Image: TUMI PAKKIE/ INDEPENDENT NEWSPAPERS

Nomathamsanqa Dube, Mabongi Dubeni, Thembeka Deku noNompumelelo Dlamini akade bethweswa iziqu emcimbini weNew Venture Creation Skills Development eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesine

Image: TUMI PAKKIES /INDEPENDENT NEWSPAPERS

Noluthando Hadebe, Zoleka Khusi, Linda Khathi and Khanyisile Hlengwa Noluthando Hadebe, Zoleka Khusi, Linda Khathi noKhanyisile Hlengwa akade bethweswa iziqu emcimbini weNew Venture Creation Skills Development eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesine

Image: TUMI PAKKIE/INDEPENDENT NEWSPAPERS

UBUSI Mkhize noBheki Mlaba bephahle uBuhle Linda okade ethweswa iziqu emcimbini weNew Venture Creation Skills Development eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesine

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT MEDIA

UMSUNGULI oyisikhulu esiphezulu se-ASIME Women uMpume Mpanza ehalalisela u-Andile Memela obethwethwa izinqu emcimbini weNew Venture Creations obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesine

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS

OPHAKATHI nendawo uZmaswazi Ngcobo enosihlalo weZokuthuthukiswa komnotho nokuhlela kumasipala weTheku uMnuz Thembo Ntuli, Zamaswazi Ngcobo noDkt Themba Masukwini obambe kwesomqondisi eDurban University of Technology

Image: TUMI PAKKIES/INDEPENDENT NEWSPAPERS