Izindaba

Imeya iqome ukuxoxisana nomgilwa ngaphandle kwenkantolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMduduzi “Sobholenyoni” Myeza, imeya yaseNkosi John Langalibalele Local Municipality.

Image: Sigciniwe

Liphothulwe ngoLwesihlanu ngaphandle kwenkantolo icala likaMduduzi Myeza oyiMeya  yase-Estcourt, obethweswe icala lokushaya.

Ubesolwa ngokushaya umgilwa kubangwa udaba oluphathelene nomsebenzi. Udaba lulungiswe ngokuxoxisana (Alternative Dispute Resolution Method-ADRM)

Isigcawu sokuxoxisana sivulwa uma ummangalelwa nomgilwa benquma ukulungisa udaba ngaphandle kwenkantolo. Lokhu kuyingxenye yohlelo olubizwa nge-Restorative Justice Process lapho abathintekayo bexoxisana bodwa eceleni.

Kulolu daba umgilwa nommangalewa baxoxisene. Lokhu bakwenze bona ngokufisa kwabo kodwa UMshushisi oMkhulu woMbuso ozinze eNkantolo yeMantshi e-Estcourt neBamba loMphathi wabaShushisi bebelwelusile udaba.

Ummangalelwa uxolisile kumgilwa futhi naye walwemukela uxolo, udaba lwaphothulwa.